Seal of the Church in the Province of Southern Africa The Book of Common Prayer
United States England Scotland Ireland Wales Canada World

    The Book of Common Prayer (1662)
in Zulu

 

INIITANDAZO YOKUCELA NEYOKUBONGA YEZIKATI EZITILE.

Yokwenziwa ngapambi kwemitandazo einibili yokugcina yeLitany, neyenKonzo yakusasa neyantambama.

UKUCELA.
 

Prayers and Thanksgivings
upon several Occasions

 

Prayers
 

OWEMVULA.

NKULUNKULU, Baba wasezulwini, wena owatembisa ngenDodana yako uJesu Kristu wati bonke abafunisisa umbuso wako nokulunga kwako uyakubapa konke abakusweleyo kwok'ondhla umzimba; Siyancenga ukuba usitumele imvula elingeneyo nezihlambi ngalesi'sikati sokuswela kwetu, ukuze sitole izitelo zomhlaba, sitokoziswe, udunyiswe wena; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

For Rain

OWOKUBA LISE.

NKOSI, Nkulunkulu mNinimandhla onke, wena owati ngokwona kwabantu wabhubhisa izwe lonke ngamanzi, kwasinda abantu abay'isishiyangalombili kupela, wabuya watembisa ngesihhau sako esikulu wati ausoze wapinda ukulibhubhisa ngamanzi; siyavuma ukuba sifanele ukutshaywa ngohlupo lwemvula namanzi ngenxa yezono zetu; kepa siyakuncenga sizitoba ukuba ngokupenduka kwetu okuginisileyo wenze izulu lise libe lihle, size sitole izitelo zomhlaba ngesikati sazo; sifunde ngokusitshaya kwako ukulungisa ukuhamba kwetu, nangobunene bako sifunde ukukubonga nokukudumisa; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

For fair Weather

OWESIKATI SOKUDINGA NESENDHLALA.

NKULUNKULU, Baba wasezulwini, kuy'isipo esivela kuwe ukuba line izulu, kutele umhlaba, kucume izilwane, kw'ande izinhlanzi : siyancenga ukuba ubheke ukuhlupeka kwabantu bako, w'enze ngesihhau sako ukuba lendhlala esihlupayo ngokufaneleyo ngenxa yobubi betu ipele ngobunene bako, kubuye kube kona inhlanhla nenala, ngotando lukaJesu Kristu inKosi yetu, odunyiswa ebatshazwa kanye nawe noMoya oy'iNgcwele, kuze kube pakade. Amen.

NOMA.

NKULUNKULU, Baba onesihhau, wena owati, ezinsukwini zika Elisha umprofeti ezweni lase Samaria, wapendula ukudinga nendhlala yakona, kwaba inala enkulu masinvane ; Sihhaukele tina esitshayiswa okwabaseSamaria ngenxa yezono zetu, sisizeke nati ekuhlupekeni kwetu njengabo: Yandisa izitelo zomhlaba rgokubusisa kwako; yenza ukuba ekuzamukeleni kwetu izipo zako ezicumileyo sizipate kahle ukuba wena udunyiswe, abadingayo basizakale, tina sitokoziswe: ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

In Time of Dearth & Famine

OWESIKATI SOKULWA NESEZIPITIPITI.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, nKosi yamakosi, mBusi wako konke, o'mandhla ako angeze ahlulwe 'luto, otshaya izoni ngokufaneleyo, ohhaukela abapendukayo ngokuqinisileyo; Siyakuncenga sizitoba, sisindise usikulule ezandhleni zezita kiti; tobisa ukuziqenya kwako, upelise ulaka lwazo, upambanise namacebo azo, ukuze kuti, sivikelwe nguwe, silondolozwe njalo sikululwe ezingozini zonke, size sidumise wena, wena wedwa ong'umupi wokungoba; ngenxa yaloko akwenza uJesu Kristu inDodana yako, inKosi yetu. Amen.
 

In Time of War & Tumults

OWESIKATI SEMBO NOMA SEZINYE IZIFO.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owati ngokutukutela kwako wabatshaya abantu bake ehlane ngembo ngenxa yokuba b'ala ngenkani ukumlalela uMoses noAaron; owati futi ngesikati senkosi uDavid wababulala ngembo abantu abay'izinkulungwane ezi'mashumi ay'isikombisa, wabuya wakumbula isihhau sako, wasmdisa abasalayo; Sihhaukele tina'zoniezilusizi, es'ehlelwe manje ukugula nokuf a obukulu ; njengaloku ngaleso'sikati wayamukela inhlaulo, wayala Ingelosi ebhubhisayo ukuba ikaule ukutshaya, makutandeke kuwe manje ukususa kitina le'mbo nalesi'sifo esesabekayo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

In Time of any common Plague or Sickness 
NGESIKATI SE "EMBER WEEKS" KUYAKWENZIWA IZINSUKU ZONKE LOMTANDAZO, WENZELWE ABAZAKUBEKWA EZIKUNDHLENI EZINGCWELE.

NKULUNKULU mNinimandhla onke, Baba wetu wasezulwini, wena owazitengela iChurch eliKatolika ngegazi elinqabileyo lenDodana yako etandekayo ; Bheka lona iChurch lako ngesihhau, uziqondise uzibuse ngalesi'sikati izinhliziyo zezinceku zako abaBishop abapata umhlambi wako, ukuba bangenzi ngamawala ukubeka izandhla pezu kwomuntu, kodwa bakete kahle nangokuqonda abantu abafanele ukukonza enKonzwenl engewele yeChurch lako. Nabo abazakubekwa eziKundhleni elnnngcwele ubape amandhla nesibusiso sasezulwini, ukuze kuti, ngokuhamba kwabo nangokufundisa, kwabo, baqamise udumo kwako, bahambise ukusindiswa kwabantu bonke; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

NOMA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena opayo konke okuhle, owati ngokubona kwako wamisa iziKundhla ezitile eChurch lako; Siyacela sitobekile, ukuba ubape amandhla bonke abazakubizwa babekwe ezikundhleni zokukonza ; ubafundise iqiniso lako, ubahambise kahle bangabi nacala, ukuba bakukonze ngokuginisileyo, kudunyiswe iGama lako, lisizakale iChurch lako elingcwele : ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

In the Ember Weeks, for those to be admitted to Holy Orders

UMTANDAZO ONGENZIWA NGEMVA KWEMINYE.

NKULUNKULU, wena o'kungokwako njalo ukuhhaukela nokutetelela, yamukela izicelo zetu ezitobekileyo ; kuti noma sibotshiwe ngempela ngezibopo zezono zetu, usihhaukele usikulule ngobunene bako obukulu; ukuze kwandiswe udumo lukaJesu Kristu, umLamuleli nomMeli wetu. Amen.
 

Prayer that may be said after any of the former 

UMTANDAZO WOKUTANDAZELA IPARLIAMENTE NGESIKATI SOKUBUTANA KWALO.

NKULUNKULU, onobunene obukulu, siyakuncenga sitobekile, sitandazela umbuso wakiti nompakati wezindaba obunene manje kwomkulu; Ukuba kutandeke kuwe ukulungisa konke okukulunywa y'iwo, ukuze udunyiswe wena, iChurch lake elingcwele lihlale kahle; nomBusi wetu alondolozeke kanye nawo wonke umbuso wake. Yenza ukuba izindaba zonke zombuso zihlelwe kahle, zisekelwe ng'ukulunga neqiniso ngomsebenzi wawo, ukuba ukutula nokutokoza, iqiniso nokulunga, ukukolwa nokwesaba wena, kuginiswe pakati kwetu nasezizukulwaneni zonke. Loku, nako konke okunye okuswelekileyo ku'mpakati lowo, nakitina, nakulo lonke iChurch lako, sicela ngeGama lomLamuleli wetu uJesu Kristu, inKosi nomSindisi wetu obongekayo. Amen.
 

Prayer for Parliament

IKOLEKTA, NOMA UMTANDAZO WOKUTANDAZELA ABANTU BONKE ABANJANI NABANJANI, ONGENZIWA INXA LINGAMISELWE UKWENZIWA ILITANY.

NKULUNKULU, mEnzi nomLondolozi wabantu bonke; Siyazitoba sitandazela izinhlobo zonke zabantu abanjani nabanjani, ukuba kutandeke kuwe ukuba indhlela yako yaziwe emhlabeni, ukusindisa kwako kwaziwe ezizweni zonke. Ikakulu sicela ukuba iChurch eliKatolika libe nokuma okuhle, lihholwe libuswe uMoya wako, ukuze kuti bonke abavumayo beti bang'amaKristiane bahholelwe endhleleni yeqiniso, baqokotele kulo uKolo benhliziyo'nye, bahlanganiswe ngasibopo sinye sokutula, bahambe ngokulunga. Ukupela, Baba, sicela ukuba ubapate ngomusa bonke abahlupekileyo benosizi. enhliziyweni, noma emzimbeni, noma ekumeni kwabo, (ikakulu bona abacela ukuba sibatandazele); ukuba kutandeke kuwe ukubaduduza nokubasiza njengokuswela kwabo, babekezele ekuhlupekeni kwabo, bapume kahle ezinsizini zabo zonke. Sicela loko ngaye uJesu Kristu. Amen.
 

Collect or Prayer for all Conditions of Men.

OWOKUTANDAZELA ABAIILEZI EBUMNYAMENI.

NKULUNKULU, nKosi ebongekayo, wena otanda ukuba abantu bonke basindiswe bal'azi iqiniso; Sigondise sihambe kahle sibe nokutula; qinisa izinhliziyo zetu silalele imiteto yako. Yena o'luVivi lwapezulu makahambele kiti, ukuze abahlezi ebumnyameni nasetunzini lokufa babone, bakutande ngenxa yokulunga kwako, bakulandele ngenxa yeqiniso lako, bakuleke kuwe ngenxa yesihhau sako; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu, okona ebusa nawe noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.
 

The following three prayers are unique to this translation.

OWOKUTANDAZELA ABANGAKAKOLWA.

NKULUNKULU onesihhau, wena owenza abantu bonke, ongazondi'luto olwenzileyo, ongatandi ukuba isoni sife, utanda ukuba sipenduke sifumane ukupila okupakade : Siyacela ukuba uhhaukele amaJuda, nama Sulumane, nabaHedeni, nabapik'iqiniso; ususe kubo ubuula bonke, nobulukuni benhliziyo, nenkani abadelela ngayo iZwi lako; ubalete ekaya, ubangenise emhlambini wako, nKosi ebongekayo, ukuze basindiswe kanye nabaIsraeli abayibo impela, bahlanganiswe nabo baluswe umAlusi munye uJesu Kristu inKosi yetu, okona ebusa nawe noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye, kuze kube pakade. Amen.
 

 

OWOKUTANDAZELA UMHLANGANO WESYNOD.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke opakade, wena olipile iChurch lako uMoya oy'iNgcwele ong'umLuleki, ukuba ahlale kulo njalo; Siyancenga ukuba ubusise umBishop wakiti, nabaFundisi, nabazalwane betu, ababutene manje, ukuba bapenye izindaba zeChurch lako, nKosi. B'ehlisele uMoya oy'iNgcwele, ukuba ahlale kubo abasize. Vikele izinhliziyo zabo zingatiyeki ngezinto zomhlaba; ubape ukuba bakolwe ngokuqinisileyo, batande ngokungazenzisi, bavame ukwazi nokuhlakanipa nokuma isibindi, baze balwandise udumo kwako, iChurch lako libe nokutula nokuvumelana ; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

 

 

UKUBONGA.

OWOKUBONGA KONKE OKUHLE.

NKULUNKULU mNinimandhla onke, Baba okuvela kuwe konke okuhle, tina'bantu bako abangafanele'luto sibonga ngezinhliziyo ezitobekilevo ubuhle bonke bako nokusitanda kwako nabantu bonke. (Ikakulu sibonga lolo'lutando obapete ngalo laba abafuna ukubonga namhla ngokuba usand'ukubahhaukela.) Siyabonga ukwenziwa kwetu, nokulondolozwa kwetu, nezibusiso zonke zaloku'kuhamba. Kepa ikakulu siyabonga utando kwako olungenakulinganiswa olwabonakaliswa ngokuhlengwa kwomhlaba ngenKosi yetu uJesu Kristu : siyabonga ngokuba sinezindhlela esingamukela ngaso amandhla asezulwini, nangokuba sitemba ukuti soba nobukosi. Futi siyancenga usisize ukuba sizwisise isihhau sako sonke, izinhliziyo zetu zibonge ngokungazenzisi, siluzwakalise udumo kwako kungabi ngomlomo nje, kube nangokuhamba kwetu; sizinikela ukukonza wena, sihamba pambi kwako ngobungcwele nangokulunga ngezinsuku zonke zetu; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu, odunyiswa ebatshazwa kanye nawe noMoya oy'iNgcwele, kuze kube pakade. Amen.
 

Thanksgivings

A General Thanksgiving

OWOKUBONGA IMVULA.

NKULUNKULU, Baba wetu wasezulwini, wena oti ngokusibheka kwako ngobunene unise imvula eyokugala neyamuva, ukuze umhlaba utelele abantuukudhla; Siyabonga sitobekile, ngokuba sekutandeke kuwe ngesikati sokuswela kwetu ukutumela imvula enhle emhlabeni wako, nokuwutambisa lapo ub'usuwomile, ukuze sitokoziswe tina'bantu bako abangafanele 'luto, kudunyiswe iGama lako elingcwele ; ngenxa yesihhau sako osipete ngaso ngenKosi yetu uJesu Kristu. Amen.
 

For Rain

OWOKUBONGA NGOKUBA LISILE IZULU.

NKOSI, Nkulunkulu, ositobisile ngokufaneleyo ngokuleta umvimbi orokulu nozamcolo wamanzi, kepa wabuya wasihhaukela, watokozisa izinhliziyo zetu ngokwenza ukuba izulu lise libe lihle ; Siyabonga silibabaza iGama lako elingcwele ngalesi'sihhau sako, notando kwako siyakuludumisa ezizukulwaneni ngezizukulwane, ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

For fair Weather

OWOKUBONGA INALA.

BABA onesihhau esikulu, wena ote ngobunene nokulunga kwako walalela izitelo zeChurch lako, kwapela ukudinga nendhlala, kwavela inhlanhla nenala ; Siyazitoba sibonga loku'kwepana kwako okukulu ; siyakuncenga ukuba usibheke njalo ngotando, ukuze izwe lakiti livame izitelo zalo, udunyiswe wena, sitokoziswe tina ; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

For Plenty

OWOKUBONGA UKUTULA NOKUSINDA EZITENI KITI.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena oy'ingaba enamandhla yokusindisa abantu bako, ubavlkela eziteni kubo; Siyakudumisa sikubonga ngokuba usisindisile ezingozini lezo ezinkulu ebesi pakati kwako : siyavuma ukuti beku ngobunene bako kupela ukuba singanikelwanga ezandhleni zazo; siyancenga ukuba usihhaukele njalo, ukuze wonke umuntu azi ukuti ng'uwena ong'umSindisi nomKululi wetu onamandhla; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

For Peace & Deliverance from our Enemies

OWOKUBONGA UKUTULA NOHUPELA KWESIPITIPITI.

NKULUNKULU, Simakade, Baba wetu osezulwini, wena wedwa ohlanganisa abantu bahlalisane kahle benhliziyo'nye; wena otulisa ukulwa kwabantu abashingayo ; Siyabonga iGama lako elingcwele ngokuba sekutandeke kuwe ukupelisa izipitipiti ebezivukile pakati kwetu ; siyancenga sizitoba ukuba usipe manje tina sonke amandhla okuhamba kahle, silalela imiteto yako engcwele; ukuze kuti, sihamba ngokulunga nangokutula nangobuqoto, sihlale sinikela kuwe umnikelo wetu wokubabaza nowokubonga isihhau sako osipete ngaso; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

For restoring public Peace at Home

OWOKUBONGA UKUSINDA EMBWENI NABWEZINYE IZIFO.

NKOSI, Nkulunkulu, wena osilimazile ngenxa lyezono zetu, wasibulala ngenxa yezeqo zetu ngalesi'slfo esinzima esesabekayo osand'ukusitshaya ngaso; kepa manje ekusitshayeni kwako ukumbula isihhau, uhlengile imipefumulo yetu wayikulula emlonyeni wokufa; Siyazinikela kuwe, Baba onobunene, imipefumulo y etu nemizimba yetu oyisindisileyo, ibe umnikelo ozwayo kuwe, sidumisa nj alo sibabaza isihhau sako eChurch lako; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

NOMA.

SIYAVUMA sizitoba pambi kwako, Baba onesihhau esikulu, ukuba zonke izitshayo esisongelwa ngaso emtetweni wako ngazis'ehlele ngakona ngenxa yezono zetu eziningi, nobulukuni bezinhliziyo zetu; kepa loku sekutandeke kuwe, ngobunene bako, ukuxotsha isifo esibi leso esisand'ukuhlutshwa 'yiso kakulu kangaka, nokubuyisela izwi lokujabula nokutokoza ezindhlini zetu, noma singazitobisanga ngokufaneleyo; Siyanikela kuwe, nKosi, umnikelo wokubabaza nowokubonga, sidumisa silikulisa iGama lako elingcwele ngokusilondoloza nokusibhekela kwako; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

For delivrance from the Plague, or other common Sickness

 

Return to the 1662 Book of Common Prayer in Zulu

Web author: Charles Wohlers U. S. EnglandScotlandIrelandWalesCanadaWorld