Seal of the Church in the Province of Southern Africa The Book of Common Prayer
United States England Scotland Ireland Wales Canada World

    The Book of Common Prayer (1662)
in Zulu

 

ILITANY.

Lapa kulandela iLitany, elokutandazela abantu bonke, lihlatshelelwe noma litshiwo emva kwenKonzo yakusasa ngamaSonto nangamaWednesday, nangamaFriday, nangezinye'zikati ngokuyala kwomBishop.

NKULUNKULU, Yise wasezulwini : sihhaukele tina 'zoni ezilusizi.
    Nkulunkulu, Yise wasezulwini : sihhaukele tina 'zoni ezilusizi.
    Nkulunkulu, nDodana, mHlengi womhlaba : sihhaukele tina 'zoni ezilusizi.
    Nkulunkulu, nDodana, mHlengi womhlaba : sihhaukele tina 'zoni ezilusizi.
    Nkulunkulu, Moya oy'iNgcwele, opuma kuYise nakunDodana : sihhaukele tina 'zoni ezilusizi.
    Nkulunkulu, Moya oy'iNgcwele, opuma kuYise nakunDodana : sihhaukele tina 'zoni ezilusizi.
    BuTatu obuy'iNgcwele, obubongekayo, obudumisekayo, obu'zingQobo ezintatu, Nkulunkulu munye : sihhaukele tina 'zoni ezilusizi.
    BuTatu obuy'iNgcwele, obubongekayo, obudumisekayo, obu'zingQobo ezintatu, Nkulunkulu munye : sihhaukele tina zoni ezilusizi.
    Ungazikumbuli, nKosi, iziposiso zetu nezaobaba ; ungasipindisi ngokwona kwetu : siyekele, nKosi, siy ekele tina bantu bako, obahlengileyo ngegazi lako elinqabileyo : ungasitukuteleli kube pakade.

Siyekele, nKosi elungileyo.
    Kubo bonke ububi, nokulimala, nokwona, namacebo kaSatan, nokuhlasela kwake, nokutukutela kwako, nakuko ukubhujiswa okupakade,
Siyekele, nKosi elungileyo.
    Kuko ukufipala konke kwenhliziyo, nokuzidhla, nokuzikulisa, nokuzenzisa, nomona, nenzondo, nakuyo inhliziyo enonya,
Siyekele, nKosi elungileyo.
    Kubo ubufebe nokuhlobonga, nokwona konke okunye okubhubhisayo, nakuzo zonke izinkohliso zomhlaba, nezomzimba, nezika Satan,
Siyekele, nKosi elungileyo.
    Kulo unyazi lwezulu, nesipepo, nesifo esikukulayo, nendhlala, nesikonyane, nokufa kwezinkomo, nokwomisa kwezulu, nokulwa, nokubulawa, nakuko ukufa okuzumayo,
Siyekele, nKosi elungileyo.
    Kuko konke ukunceteza ngamakosi nokuhlanganisa icebo ngawo ngasese, nokulwa nawo; nakuko konke ukufundisa okudukisayo, nokukolwa amanga, nokuqembuka eChurch, nobulukuni benhliziyo, nokudelela iZwi lako nomTeto wako,
Siyekele, nKosi elungileyo.
    Ngayo imfihlo engcwele yokuZitatela kwako ubuntu, nangako ukuZalwa nokuSoka kwako okungcwele, nangako ukuBapatizwa, nokuZila, nokuLingwa kwako,
Siyekele, nKosi elungileyo.
    Ngabo ubuHlungu nesiTukutuku sako esasinegazi, nangesiPambano nokuHlupeka kwako, nangokuFa kwako okunqabileyo, nokuBekwa kwako elibeni, nangokuVuka kwako okudumisekayo, nokwEnyuka kwako, nangokuza kukaMoya oy'iNgcwele,
Siyekele, nKosi elungileyo.
    Ngezikati zonke zokuhlupeka kwetu, nangezikati zonke zokutokoza kwetu, nangesikati sokufa, nangosuku lokwahlulela,
Siyekele, nKosi elungileyo.
    Tina 'zoni siyancenga sizwe, nKosi Nkulunkulu ukuba kutandeke kuwe ukuhlela nokubusa iChurch lako elingcwele eliKatolika endhleleni elungileyo ;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukulondoloza nokuqinisa umuntu wako uGeorge, uKing wakiti onmene, uku ba akukonze ngeqiniso, ahambe ngokulungileyc nangokungcwele ;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukuyibusa inhliziyo yake akolwe kuwe, akwesabe, akutande, atembe wena njalo, afune ukwandisa udumo nobukosi bako;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukumvikela, nokumlondoloza, nokumupa ukuba anqobe izita zonke kuye :
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukubusisa nokulondoloza uMary uQueen wakiti omnene, noAlexandra unina wenKosi, noEdward umntwana uPrinse wase Wales, nabo bonke abendhlunkulu :
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukukanyisela abaBishop bonke, nabaPristi, nabaDiakoni, balazisise igimso lako baliqonde iZwi lako; bati, ngokushumayela kwabo nangokuhamba kwako, balibeke obala baliqamise ;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.

The Litany

Makutandazwe nangalaw'amazwi ngesikati sokuBeka abaKonzi.

    Ukuba kutandeke kuwe ukubusisa [lo'muntu wako o / laba'bantu bako aba] zakungeniswa manle esiKundhleni sobu [Diakoni / Pristi,] noku[m/ba]tela ngezipo zomusa wako, ukuba[a/ba] pate u okufanele o umsebenii [wake / wako], iChurch lako l'akeke kahle, lidunyiswe iGama lako elingcwele ;

Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.

 

In the original, this section (which appears to be unique to this translation) has alternative wordings which are printed a half-line above and a half-line below the text. Here, the alternatives are given in brackets.

    Ukuba kutandeke kuwe ukwambesa izikulu zonke zompakati, ngomusa nokuhlakanipa nokuqonda ;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukubusisa nokulondoloza bonke abateti bamacala, ubasize ukuba benze ukulunga bamise iginiso;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukubusisa abantu bako bonke, ubalondoloze,
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukubakutandeke kuweukuzipa izizwe zonke ubunye benhliziyo, nokutula, nokuvumelana ;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukusipa izinhliziyo zokukutanda nokukwesaba : sihambe ngemiyalo yako sikutele ;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba, kutandeke kuwe ukwenezelela abantu bako bonke izipo zomusa wako, ukuba balizwe iZwi lako ngokutobeka, balamukele ngokulitanda ngeginiso, batele izitelo zika Moya oy'iNgcwele;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukungenisa endhleleni yeqiniso amaSulumane, nabaHedeni es'ake pakati kwabo, nabo bonke abadukileyo bekohlisiwe ;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukuqinisa labo abemiyo; ududuze usize abanezinhliziyo ezi'butakataka ; uluiamise bonke abawayo; nasekupeleni umtshaye uSatan aze abe pansi kwezinyawo zetu;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukuvikela, nokusiza, nokududuza, bonke abasebucayini, nasekudingeni, nasosizini;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukulondoloza bonke abahamba emhlabeni nasemanzini, nabesifazana ababeletayo, nabantu abagulayo, nabantwana abancinyane; nokuhhaukela izibotshwa zonke nabatunjiweyo ;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukuvikela wondhle izintandane nabafelokazi, nemihambima yonke, nabacindezelweyo;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukuhhaukela bonke abantu ;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukutetelela izita kiti zonke, nabasizingelayo, nabasiqambelayo, upendule izinhliziyo zabo;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukusipa izitelo ezihle zomhlaba, usikwezele zona ; ukuze kuti ngesikati sazo sizidhle sitokoza.
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    Ukuba kutandeke kuwe ukusipa ukupenduka ngeqiniso, usitetelele izono zetu zonke, nokunganakekeli nokungazi kwetu; us'ambese ngezipo zikaMoya wako oy'iNgcwele, ukuba silungise ukuhamba kwetu ngeZwi lako elingcwele;
Siyancenga sizwe, nKosi elungileyo.
    NDodana kaNkulunkulu siyancenga sizwe.
NDodana kaNkulunkulu siyancenga sizwe.
    MVana kaNkulunkulu, wena osusa izono zomhlaba.
        Sipe ukutula.
    MVana kaNkulunkulu, wena osusa izono zo mhlaba,
        Silthaukele.
    Kristu, sizwe.
        Kristu, sizwe.
    NKosi, sihhaukele.
        NKosi, sihhaukele.
    Kristu, sihhaukele.
        Kristu, sihhaukele.
    NKosi, sihhaukele.
        NKosi, sihhaukele.
 
 

UmPristi nabantu beseb'enza umTandazo wenKosi.

BABA WETU osezulwini, Malahlukaniswe iGama lako. Mauze umbuso wako. Mayenziwe intando yako emhlabeni njengasezulwini. Sipe namuhla ukudhla kwetu kwanamuhla. Sitetelele izono zetu, Njengokuba nati sibatetelela abasonayo. Ungasiyisi ekulingweni ; Kodwa usikulule kwokubi. Amen.
    Urnpristi. NKosi, ungasipati ngokulingene nezono zetu.
    Isilandelo. Ungapindiseli kitina ngokulingene nazo.

Asitandaze.

NKULUNKULU, Baba onesihhau, wena ongakudeleli ukububula kwenhliziyo edabukileyo, nokufisa kwabalusizi ; sisize ngesihhau sako lapa sikuleka kuwe ngokudabuka kwetu konke, nokuhlupeka kwetu esicindezelwa yiko ; sizwe ngobunene, ukuze ububi bonke obenziwa kitina ngamacebo nobuqili bukaSatan, nobabantu, bupeliswe ngokusibhekela kwako ; kuti tina 'bantu bako, singalimali y'inzondo, sikubonge njalo si seChurch lako elingcwele ; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu.
    NKosi, mana, usisize, usikulule ngenxa yegama lako.
    Nkulunkulu, sizwile ngezindhlebe zetu, obaba basitshelile imisebenzi emikulu owayenza ezinsukwini zabo nasendulo.
    NKosi, mana, usisize, usikulule ngenxa yodumo lwako.
    Makuduny iswe uYise nenDodana : noMoya oy'iNgcwele.
    Isilandelo. Njengokuba kwakunjalo ekugaleni, kusenjalo namanje : kuyakuba njalo, kuze kube pakade. Amen.
    Kristu, sivikele eziteni kiti.
        Bheka ngobunene izinsizi zetu.
    Dabukela izinhlupeko zezinhliziyo zetu.
        Tetelela ngesihhau abantu bako izono zabo.
    Yizwa ngesihhau izicelo zetu.
        NDodana kaDavid, sihhaukele.
    Kristu, vuma ukusizwa manje napakade.
        Kristu, sizwe ngobunene; nKosi Kristu, sizwe ngobunene.
    UmPristi. NKosi, isihhau sako masibonakale kitina.
    Isilandelo. Njengokuba sitembela kuwe.

Asitandaze.

SIYANCENGA sitobekile, Baba, ukuba ubheke ngesihhau ubutakataka betu, kuti ngodumo lweGama lako usivikele kuko konke okubi esifanele ukutshaywa ngako ngenxa yezono zetu; yenza ukuba kuzo zonke izinhlupeko zetu sitembe isihhau sako ngezinhliziyo zetu zonke, sikubonge njalo ngokuhamba okungcwele okumhlope, ukuze kwandiswe udumo lwako nobukosi bako; ngaye umLamuleli nomMeli wetu oyedwa, uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

Lord's Prayer

Umtandazo ka St. Krisostom.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena os'enzele umusa ngalesisikati wokuba sicele nganhliziyonye kuwe, otembisayo ukuti urna kuhlangene babili batatu ngeGama lako uyakubapa loko abakucelayo; Yenza manje, nKosi, okufunwa nokucelwa abantu bako njengokufanele bona; sipe ukwazisisa iginiso lako siselapa emhlabeni, ukuze kuti ngesikati esizayo sifumane ukupila okupakade. Amen.

2 Kor. 13, v. 14.

UMUSA wenKosi yetu uJesu Kristu, notando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya ovINgcwele, makube kitina sonke kuze kube pakade. Amen.

LIPELA LAPA ILITANY.

Prayer of St. Chrysostom

 

Return to the 1662 Book of Common Prayer in Zulu

Web author: Charles Wohlers U. S. EnglandScotlandIrelandWalesCanadaWorld