Seal of the Church in the Province of Southern Africa The Book of Common Prayer
United States England Scotland Ireland Wales Canada World

    The Book of Common Prayer (1662)
in Zulu

 

AMAKOLEKTA, NAMAPISTOLA, NAMAVANGELI,

AYAKWENZIWA UMNYAKA WONKE.

ISonto lokuqala ku Advent. (1st S. in Advent.)

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, opakade, sipe amandhla ukuba silahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikali zokukanya, manje sisahamba lapa emhlabeni, uJesu Kristu inDodana yako afika kuwo, weza etobekile kakulu ehambele kiti; ukuze kuti ngolwokupela, lapa ebuyayo enobukosi bake, ezokub'ahlulela abasekona nabafileyo, sivuke sifumane ukupila okupakade; ngaye okona ebusa nawe noMoya oy'iNgcwele manje napakade. Amen.

Leli'Kolekta malenziwe izinsuku zonke kanye namanye amaKolekta aku Advent, lize liyekwe emambama ngosuku olwandulela uKristmas.

IPISTOLA. Rom. 13. 8 - 14.
IVANGELI. St. Matt. 21.1 - 13.
 

Collects, Epistles, & Gospels

to be used throughout the Year
 

The original prints out the scripture readings at length; citations only are given here.

ISonto lesibili ku Advent. (2nd S. in Advent.)

IKOLEKTA.

NKOSI ebongekayo, wena owenza ukuba imiBhalo yonke engcwele ilotshelwe ukusifundisa; Yenza ukuba siyilalele, siyifunde, siyibheke, siyiqonde, siyidhlele ezmhliziyweni zetu, kona kwoti, ngokubekezela nangokutokoziswa iZwi lako ell­ngcwele, silamukele silibambisise njalo itemba elihle lokuti siyakutokoza napakade, osipile lona ngaye uJesu Kristu umSindisi wetu. Amen.

IPISTOLA. Rom. 15. 4 - 13.
IVANGELI. St. Luke 21. 25 - 33.
 

 

ISonto lesitatu ku Advent. (3rd S. in Advent.)

IKOLEKTA.

NKOSI Jesu Kristu, wena owati, ukuza kwako kwokugala, watuma isigijimi sako ukuba siyilungise indhlela yako ngapambi kwako; Yenza ukuba abakonzi abapata imisebenzi yako eyimfihlo bebabela abantu, balungise nabo indhlela yako ngokupendula izinhliziyo zabangalaleliyo ukuba bahlakanipise okwabalungileyo, ukuze kuti ngokuza kwako, lapo se uzakwahlulela abantu bonke, sifunyanwe ebusweni bako si ng'abantu abatandekayo kuwe; wena okona ubusa noYise noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

IPISTOLA. 1 Kor. 4. 1 - 5.
IVANGELI. St. Matt. 11. 2 - 10.
 

 

ISonto lesine ku Advent. (4th S. in Advent.)

IKOLEKTA.

NKOSI, siyacela, vusa amandhla ako amakulu uze kitina, uselekelele; loku sivinjelwe kabi y'iziposiso nobubi betu, singehambe kahle endhleleni esimiselwe yona, usisize ngomusa wako omkulu nesihhau sako, utshetshe usikulule : ngaloko eyakwenza inDodana yako inKosi yetu; edunviswa ibatshazwa kanye nawe noMoya oy'iNgcwele kuze kube pakade. Amen.

IPISTOLA. Filipi 4. 4 - 7.
IVANGELI. St. John 1. 19 - 28.
 

 

USUKU LOKUZALWA KWENKOSI YETU UKRISTU,
olutiwa
CHRISTMAS DAY (Dec. 25).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owati ngesikati okungati y'ilesi wasipa inDodana yako ezelwe yodwa ukuba ibe umuntu, izalwe y'inTombi elungileyo; vuma ukuba tina esizelwe ngokwesibili, senziwa abantwana bako ngokutolwa. nangomusa, sihlunyelelwe imihla ngemihla nguMoya wako oy'iNgcwele, ngaye uJesu Kristu inKosi yetu, okona ebusa nawe naye uMoya, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

IPISTOLA. Heb. 1. 1 - 12.
IVANGELI. St. John 1. 1 - 14.
 

 

Usuku luka St. Stefane (St. Stephen) (Dec. 26).

IKOLEKTA.

NKOSI, yenza ukuba nxa sihlupekile lapa emhlabeni ngokufakazela kwetu iqiniso lako, sibhekisise pezulu sibubone ngokukolwa ubukosi bako obuzakubonakaliswa, ukuze kuti, sigcwele uMoya oy'iNgcwele sifunde ukubatanda nokubabusisa aba­sihlupayo, njengokwenza kukaStefane ongcwele umMartiri wako wokugala, owabatandazela aba­mbulalayo ecela kuwe, Jesu obongekayo, wena omiyo ngakwesokunene kukaNkulunkulu ukuba ubasize bonke abahlutshelwa wena, ong'umLamuleli nomMeli wetu oyedwa. Amen.

Kube sekulandela iKolekta lika Christmas Day eliyakwenziwa njalo lize liyekwe nTambama ngosuku olwandulela December 31.

OKUMISELWE IPISTOLA. Acts 7. 55 - 60.
IVANGELI. St. Matt. 23. 34 - 39.
 

 

USuku luka St. John umVangeli (Dec. 27).

IKOLEKTA.

NKOSI, wena onesihhau, siyancenga, kanyisa iChurch lako ngem:sebe yokukanya kwako, ukuze kuti, likanyisiwe ngokufundisa kuka Saint John umApostoli nomVangeli wako obusisiweyo, lihambe nj alo ngokukanya kweginiso lako, lize lifinyelele ekukanyeni kwokupila okupakade; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 St. John 1. 1 - 10.
IVANGELI. St. John 21. 19 - 25.
 

 

USuku lweziNgane eziNgcwele (Dec. 28)
(The Innocents' Day).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU mNinimandhla onke, wena owaveza amandhla emilonyeni yezingane neyabancelayo, wabenza abantwana abancinyane bakudumise ngokufa kwabo; Bhubhisa uqede ububi bonke obupakati kwetu, usiginise ngomusa wako, ukuze kuti, ngokubamba kwetu okungenacala, nangokukolwa kwetu okuginisileyo kuze kube nasekufeni, silidumise iGama lako elingcwele; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Rev. 14. 1 - 5.
IVANGELI. St. Matt. 2. 13 - 18.
 

 

ISonto elilandela Christmas Day (S. after Christmas Day).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owati ngesikati okungati y'ilesi wasipa inDodana yako ezelwe yodwa ukuba ibe umuntu, izalwe y'inTombi elungileyo; vuma ukuba tina esizelwe ngokwesibili, senziwa abantwana bako ngokutolwa nangomusa, sihlunyelelwe imihla ngemihla nguMoya wako oy'iNgcwele, ngaye UJesu Kristu inKosi yetu, okona ebusa nawe naye uMoya, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

IPISTOLA. Gal. 4. 1 - 7.
IVANGELI. St. Matt. 1. 18 - 25.
 

 

UkuSokwa kuka Kristu (Jan. 1)
(The Circumcision of Christ).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owenza ukuba inDodana yako ebongekayo isokwe ibe pansi kwomteto ngenxa yabantu ; Yenza ukuba tina sisokwe ng'uMoya ngempela emipefu­mulweni yetu; ukuze zonke izinkanuko zomhlaba nezenyama zibhujiswe ezinhliziyweni nasezitweni zetu zonke, silalele intando yako engcwele ngako konke; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Rom. 4. 8 - 14.
IVANGELI. St. Luke 2. 15 - 21.
 

 

UEPIFANI (Epiphany),

Ukuti ukuBonakaliswa kuka Kristu kwabezizwe (Jan. 6).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, wena owabonakalisela abezizwe inDodana yako ezelwe yodwa, ubahhola ngenkanyezi ; Yenza ngobunene bako ukuba tina esikwaziyo manje ngokukolwa, lapo sekupelile loku'kuhamba, sitokoze ngobuNkulunkulu bako, wena onobukosi; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Ef. 3. 1 - 12
IVANGELI. St. Matt. 2. 1 - 12
 

 

ISonto lokuqala elilandela uEpifani (1st S. after Epiphany).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyacela, vuma ukwamukela ngobunene bako ukutandaza kwabantu bako abakala kuwe : ubaqondise baze bakwazi okufanele ukwenziwa, bapiwe umusa namandhla okuba bakufeze ngeginiso; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Rom. 12. 1 - 5
IVANGELI. St. Luke 2. 41 - 52
 

 

ISonto lesibili elilandela uEpifani (2nd S. after Epiphany).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke opakade, wena obusa konke okusezulwini nokusemhlabeni ; Yizwa ngobunene bako ukukuleka kwabantu bako, usenzele ukutula izinsuku zonke zokuhamba kwetu; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Rom. 12. 6 - 16
IVANGELI. St. John 2. 1 - 11
 

 

ISonto lesitatu elilandela uEpifani (3rd S. after Epiphany).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke opakade, bheka ngobunene bako ubutakataka betu; kuti lapa si sebucayini nalapa sisweleyo, welule isandhla sako sokunene usisize usivikele; ngaye ujesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Rom. 12. 16 - 21
IVANGELI. St. Matt. 8. 1 - 13
 

 

ISonto lesine elilandela uEpifani (4th S. after Epiphany).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, wena owaziyo ukuti sis'ebu­cayini obuningi obukulu, sibutakataka, siswela amandhla okuma kahle ngezikati zonke; Sipe amandhla, nKosi, usivikele usisize ebucayini bonke, usihambise kahle lapa silingwayo ; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Rom. 13. 1 - 7
IVANGELI. St. Matt. 8. 23 - 34
 

 

ISonto lesihlanu elilandela uEpifani (5th S. after Epiphany).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyacela, londoloza njalo iChurch lako eli'yindhlu yako, ukuze likukonze ngeqiniso, kuti iabo abatemba umusa wako kupela bavikelwe njalo ngamandhla ako amakulu; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Kol. 3. 12 - 17
IVANGELI. St. Matt. 13. 24 - 30
 

 

ISonto lesitupa elilandela uEpifani (6th S. after Epiphany).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, wena o'nDodana yako ebongekayo yabonakaliswa ukuba icite imisebenzi kaSatan, isenze abantwana bakaNkulunkulu, nezindhlalifa zokupila okupakade; Sisize ukuba tina esinalo lelitemba sizilungise sibe mhlope ezinhliziyweni zetu, njengaloku yona imhlope; ukuze kuti, lapo ibuya ibonakala, iza inamandhla nobukosi obukulu, senziwe sifane nayo embusweni wayo opakade onobukosi, lap'ikona ibuya nawe, Baba, nawe, Moya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

IPISTOLA. 1 St. John 3. 1 - 8
IVANGELI. St. Matt. 24. 23 - 31
 

 

ISonto elitiwa uSeptuagesima, iSonto lokugala kulawo'matatu andulela uLente.

IKOLEKTA.

NKOSI, siyacela, yizwa ngobunene ukukuleka kwabantu bako, ukuze kuti tina esitshaywa ngakona ngezono zetu, sipatwe ngesihhau sikululwe ngokulunga kwako, lize lidunyiswe iGama lako; ngaye uJesu Kristu umSindisi wetu, okona ebusa nawe noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

IPISTOLA. 1 Kor. 9. 24 - 27
IVANGELI. St. Matt. 20. 1 - 16
 

 

ISonto elitiwa uSeksajesima (Sexagesima), iSonto lesibili kulawo 'matatu andulela uLente.

IKOLEKTA.

NKOSI, Nkulunkulu, wena obonayo ukuti asitembi luto esilwenzayo; Yenza ngesihhau ukuba sivikelwe ngamandhla ako kuko konke okungasilimazayo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 2 Kor. 11. 19 - 31
IVANGELI. St. Luke 8. 4 - 15
 

 

ISonto elitiwa uKwinkwajesima (Quinquagesima), ISonto el'andulela uLente.

IKOLEKTA.

NKOSI, wena owasifundisa ukuti konke esikwenzayo kungesize luto uma kungenziwa ngo­tando; Tuma uMoya wako oy'iNgcwele, utele ezinhliziyweni zetu utando oluy'isipo esihle esidhlula zonke ezinye, esihlanganisa abantu bezwane balu­nge, kuti yena onge naso unjengofileyo kuwe; sipe loko ngaye uJesu Kristu inDodana yako eyodwa. Amen.

IPISTOLA. 1 Kor. 13. 1 - 13
IVANGELI. St. Luke 18. 31 - 43
 

 

USuku lokugala kuLente olutiwa Ash Wednesday.

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke opakade, wena ongazondi 'luto olwenzileyo, wena obatetelela izono zabo bonke abazisolayo; Yenza pakati kwetu izinhliziyo ezintsha ezidabukileyo, ukuze kuti tina esikala ngakona ngezono zetu, sivuma ukwonakalakwetu, sifumane kuwe ukukululwa nokutetelelwa okupeleleyo, wena Nkulunkulu onesihhau sonke; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

Lel'iKolekta malenziwe izinsuku zonke kuLente emva kweKolekta elimiselwe lolo na lolo'suku.

OKUMISELWE IPISTOLA. Joeli 2. 12 - 17
IVANGELI. St. Matt. 6. 16 - 21
 

 

ISonto lokuqala kuLente (lst S. in Lent).

IKOLEKTA.

NKOSI, wena owazil'ukudhla ngenxa yetu izinsuku ezi'mashumi 'mane; Sisize ngomusa ukuba nati sizile ngokufaneleyo, ukuze kuti, inyama yetu itotshisiwe yaba pansi kukaMoya, sihambe ngezikati zonke njengokusiquba kwako, silunge sibe Ngcwele impela, udunyiswe ubatshazwe, wena okona ubusa noYise noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye, kuze kube pakade. Amen.

IPISTOLA. 2 Kor. 6. 1 - 10
IVANGELI. St. Matt. 4. 1 - 11
 

 

ISonto lesibili kuLente (2nd S. in Lent).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena obonayo ukuti asinamandhla okuzisiza ngokwetu; Silondoloze imizimba nemipefumulo yetu, ukuba sivikelwe kuzo zonke izingozi umzimba ongehlelwa y izo, nakuyo yonke imicabango emibi engahlasela iw'one umpefumulo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 Tess. 4. 1 - 8
IVANGELI. St. Matt. 15. 21 - 28
 

 
ISonto lesitatu kuLente (3rd S. in Lent)

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, siyancenga ukuba ubheke ukutshiseka kwezinhliziyo zabantu bako abatobekileyo betanda okuhle ; welule isandhla sako sokunene, wena onobukosi, usivikele eziteni zonke: ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Ef . 5. 1 - 14
IVANGELI. St. Luke 11. 14 - 28
 

 
ISonto lesine kuLente (4th S. in Lent).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, siyancenga ukuba tina, esifanele ukutshaywa ngezenzo zetu ezimbi, sikululwe sitokoziswe ngomusa wako; ngaye uJesu Kristu inKosi nomSindisi wetu. Amen.

IPISTOLA. Gal. 4. 21 - 31
IVANGELI. St. John 6. 1 - 14
 

 

ISonto lesihlanu kuLente (5th S. in Lent).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, siyancenga ukuba ubheke ngesihhau abantu bako, ukuze kuti ngobunene bako obukulu bapatwe kahle, balondolozwe nialo imizimba nemipefumulo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Heb.9.11 - 15
IVANGELI. St. John 8. 46 - 59
 

 
ISonto elandulela uEaster (S. before Easter).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mN inimandhla onke opakade, wena owati, ngokubatanda kwako abantu kakulu, watuma inDodana yako umSindisi wetu uJesu Kristu ukuba ambate inyama abe ng'umuntu, afe esipambanweni, ukuze abantu bonke balingise yena ukuzitoba kwake okukulu; Yenza ngesihhau ukuba silingise yena ukubekezela kwake, size sitole okwokuvuka kwake; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Fil. 2. 5 - 11
IVANGELI. St. Matt. 27. 1 - 54
 

 

UMonday owandulela uEaster (M. before Easter)

OKUMISELWE IPISTOLA. Isa. 63. 1 - 19
IVANGELI. St. Mark 14. 1 - 72

 
 UTuesday owandulela uEaster (T. before Easter)

OKUMISELWE IPISTOLA. Isa. 50. 5 - 11
IVANGELI. St. Mark 15. 1 - 39


 UWednesday owandulela uEaster (W. before Easter)

IPISTOLA. Heb. 9. 16 - 28
IVANGELI. St. Luke 22. 11 - 71


 UThursday owandulela uEaster (T. before Easter)

IPISTOLA. 1 Kor. 11. 17 - 34
IVANGELI. St. Luke 23. 1 - 49

 

 

UGood Friday.

AMAKOLEKTA.

NKULUNKLTLU, mNinimandhla onke, siyancenga ukuba ubheke ngobunene laba abendhlu yako uJesu Kristu inKosi yetu anganqabanga ukucetshelwa bona, anikelwe ezandhle ni zabantu ababi, afe esipambanweni; yena okona ebusa manje nawe noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

NKULUNKULU mNinimandhla onke opakade, o'Moya wako ulibusa lonke iChurch lako, ulenza libe ngcwele; Vuma ukwamukela izicelo nemitandazo yetu esiyibeka pambi kwako sicelela bonke abase Church lako abanjani nabanjani, ukuba bakukonze ngeqiniso nangokulunga, y'ilowo nalowo esikundhleni sake; ngaye uJesu Kristu inKosi nomSindisi wetu. Amen.

NKULUNKULU onesihhau, wena owenza abantu bonke, ongazondi luto olwenzileyo, ongatandi ukuba isoni sife, utanda ukuba sipenduke sifumane ukupila okupakade; siyacela ukuba uhhaukele amaJuda, namaSuluman, nabaHedeni, nabapik'iqiniso; ususe kubo ubuula bonke, nobulukuni benhliziyo, nenkani abadelela ngayo iZwi lako; ubalete ekaya ubangenise emhlambini wako, nKosi ebongekayo, ukuze basindiswe kanye nabaIsraeli abay'ibo impela, bahlanganiswe nabo baluswe umAlusi munye uJesu Kristu inKosi yetu, okona ebusa nawe noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye, kuze kube pakade. Amen.

IPISTOLA. Heb. 10. 1 - 25
IVANGELI. St. John 19. 1 - 37

 

 

UEaster Even.

IKOLEKTA.

YENZA nKosi, ukuba tina, esafa kanye nenDodana yako ebongekayo umSindisi wetu uJesu Kristu ngokubapatizwa kwetu, simbelwe kanye naye ngokubhubhisa njalo izinkanuko zetu ezimbi, kona kwoti ngeliba nangokufa oku 'lisango, sidhlulele pambili sifumane ukuvuka okutokozisayo; ngaye owafa, wambelwa, wabuya wavuka ngenxa yetu, uJesu Kristu inDodana yako inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 St. Pet. 3. 17 - 22
IVANGELI. St. Matt. 27. 57 - 66

 

 

UEaster-Day.

Enkonzweni yakusasa endaweni yellhubo elitiwa ' Wozani, sihhubele,' etc. (Venite), kuyakuhlatshelelwa, noma kufundwe, la'maAnthem.

UKRISTU, oliPasika letu, wahlatshelwa tina : ngakoke masenze umkosi.
    Kodwa masingawenzi ngembiliso yasendulo, kungabi futi ngembiliso eng'umona nobubi ; kepa masiwenze ngesinkwa esingenambiliso, esing'ubumhlope neqiuiso.   1Kor. 5. 7.

UKRISTU esevukile kwabafileyo kayikupinda afe : ukufa akusenamandhla kuye.
    Ngoba ngol:ufa kwake wafa kuko ukwona kwaba kanye : kepa ngokupila kwake upila kuNkulunkulu.
    Ngalokoke yitshoni ukuti nani seningabafileyo kuko ukwona : senipila kuNkulunkulu ngoJesu Kristu inKosi yetu.   Rom. 6. 9.

UKRISTU usevukile kwabafileyo : usey'ingqalabuto yabaleleyo.
    Ngokuba njengaloku kwavela ukufa ngomuntu kwavela futi ngomuNtu ukuvuka kwabafileyo.
    Ngokuba njengaloku bonke befa be kuAdam kunjalo bonke bayakupihswa be kuKristu. 1 Kor. 15. 20.
    Makudunyiswe uYise, nenDodana : noMoya oy'iNgcwele.
    Njengokuba kwakunjalo ekuqaleni, kusenjalo namanje: kuyakuba njalo, kuze kube pakade. Amen.

IKOLEKTA.

NKULUNKULU , mNinimandhla onke, wena owati ngenDodana yako ezelwe yodwa uJesu Kristu wanqoba ukufa, wasivulela isango lokupila okupakade; Siyacela sitobekile ukuba wena, osandulelayo ngomusa wako omkulu, ungenisa ezinhliziyweni zetu izinkanuko ezilungileyo, ubuye usisize njalo ukuba senze okulungileyo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu, okona ebusa nawe noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

IPISTOLA. Kol. 3. 1 - 7
IVANGELI. St. John 20. 1 - 10

 

 

UMonday okulo iViki lika Easter (M. in Easter Week).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owati ngenDodana yako ezelwe yodwa uJesu Kristu wanqoba ukufa, wasivulela isango lokupila okupakade; Siyacela sitobekile ukuba wena, osandulelayo ngomusa wako omkulu, ungenisa ezinhliziyweni zetu izinkanuko ezilungileyo, ubuye usisize njalo ukuba senze okulungileyo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu, okona ebusa nawe noMoya oy'lNgcwele, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Acts 10. 34 - 43
IVANGELI. St. Luke 24. 13 - 35
 

 

UTuesday okulo iViki lika Easter (T. in Easter Week).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owati ngenDodana yako ezelwe yodwa uJesu Kristu wanqoba ukufa, wasivulela isango lokupila okupakade; Siyacela sitobekile ukuba wena, osandulelayo ngomusa wako omkulu, ungenisa ezinhliziyweni zetu izinkanuko ezilungileyo, ubuye usisize njalo ukuba senze okulungileyo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu, okona ebusa nawe noMoya oy'lNgcwele, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Acts 13. 26 - 41
IVANGELI. St. Luke 24. 36 - 48
 

 

ISonto lokugala elilandela uEaster (1st S. after Easter).

IKOLEKTA.

BABA mNinimandhla onke, wena owanikela inDodana yako eyodwa ukuba ife ngezono zetu, ibuye ivuke ngokulungiswa kwetu; Sipe ukuba silahle imbiliso eng'umona nobubi, ukuze sihlale njalo sikukonza ngobumhlope nangeginiso; ngaye
uJesu Kristu inDodana yako inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 St. John 5. 4 - 12

IVANGELI. St. John 20. 19 - 23
 

 

ISonto lesibili elilandela uEaster (2nd S. after Easter).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owanikela inDodana yako eyodwa ngenxa yetu ukuba ibe umhlatshelo wokususa izono, nesiboniso sokuhamba ngokulungileyo; Sipe umusa wokuba sikwamukele njalo, sibonga lokokuhle okunqabileyo okutolwa ngaye, sizame imihla yonke ukuhamba ezinyaweni zake, yena owahamba ey'iNgcwele; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 St. Pet. 2. 19 - 25
IVANGELI. St. John 10. 11 - 16
 

 

ISonto lesitatu elilandela uEaster (3rd S. after Easter).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena oliveza iqiniso lako libakanyisele abadukileyo, ukuba babuyele endhleleni yokulunga ; Bape bonke abangenisiwe eChurch likaKristu ukuba baxwaye lezozinto ezingafanele abakoliweyo, bapikelele njalo benze konke okufameleyo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 St. Pet. 2. 11 - 17
IVANGELI. St. John 16. 16 - 22
 

 

ISonto lesine elilandela uEaster (4th S. after Easter).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena wedwa ongalungisa izinhliziyo zezoni ezidelelayo; Bape abantu bako ukuba batande loko obayalela kona, banxanele loko obatembisa kona, ukuze kuti pakati kweziwiciwici eziningi zaloku'kuhamba, izinhliziyo zetu zime ziginile impela lapo singafumana kona ukutokoza okuginisileyo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. St. James 1. 17 - 21
IVANGELI. St. John 16. 5 - 14
 

 

ISonto lesihlanu elilandela uEaster (5th S. after Easter).

IKOLEKTA.

NKOSI, okuvela kuwe konke okulungileyo; Yenza ukuba, ngokupefumulela kwako kitina, tina bantu bako abatobekileyo, sicabange okulungileyo, usihhole ngesihhau size sikwenze; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. St. James 1. 22 - 27
IVANGELI. St. John 16. 23 - 33

 
USuku lokwEnyuka kwenKosi (Ascension Day).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, siyacela ukuba njengaloku sikolwa ukuti inDodana yako ezelwe yodwa uJesu Kristu inKosi yetu yenyuka yaya ezulwini, njaloke masenyuke nati siye kona ngenhliziyo nangokuqonda, sihlale njalo nayo, yona ekona ibusa nawe noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye, kuze kube pakade. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Acts 1. 1 - 11
IVANGELI. St. Mark 16. 14 - 20
 

 

ISonto elilandela uAscension Day (S. after Ascension Day).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, nKosi yobukosi, wena owayenyusa inDodana yako eyodwa uiesu Kristu ukuba iye embusweni wako ezulwini inobukosi obukulu; Siyacela ukuba ungasishiyi siyizintandane, kepa usitumele uMoya wako oy'iNgcwele ukuba asiduduze, asenyusele kuleyo 'ndawo lapo uKristu umSindisi wetu esesandulele ukuya kona, yena okona ebusa nawe noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye, kuze kube pakade. Amen.

IPISTOLA. 1 St. Pet. 4. 7 - 11
IVANGELI. St. John 15. 26, to 16. 4.
 

 
ISonto elitiwa uWhitsunday (Whitsunday).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, wena owati ngesikati okungati yilesi wafundisa izinhliziyo zabantu bako abatembekileyo, ngokubatumela uMoya wako oy'iNgcwele okanyisayo; Sipe ukuba sibe nokuqonda ngokulungileyo izinto zonke ngaye uMoya, sitokoze njalo ngokusiduduza kwake okungcwele; ngaye uJesu Kristu umSindisi wetu, okona ebusa nawe kanye naye uMoya, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Acts 2. 1 - 11
IVANGELI. St. John 14. 15 - 31
 

 

UMonday okulo iViki lika Whitsun (Monday in Whitsun Week).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, wena owati ngesikati okungati yilesi wafundisa izinhliziyo zabantu bako abatembekileyo, ngokubatumela uMoya wako oy'iNgcwele okanyisayo; Sipe ukuba sibe nokuqonda ngokulungileyo izinto zonke ngaye uMoya, sitokoze njalo ngokusiduduza kwake okungcwele; ngaye uJesu Kristu umSindisi wetu, okona ebusa nawe kanye naye uMoya, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen

OKUMISELWE IPISTOLA. Acts 10. 34 - 48
IVANGELI. St. John 3. 16 - 21
 

 

UTuesday okulo iViki lika Whitsun (Tuesday in Whitsun Week).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, wena owati ngesikati okungati yilesi wafundisa izinhliziyo zabantu bako abatembekileyo, ngokubatumela uMoya wako oy'iNgcwele okanyisayo; Sipe ukuba sibe nokuqonda ngokulungileyo izinto zonke ngaye uMoya, sitokoze njalo ngokusiduduza kwake okungcwele; ngaye uJesu Kristu umSindisi wetu, okona ebusa nawe kanye naye uMoya, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen

OKUMISELWE IPISTOLA. Acts 8. 14 - 17
IVANGELI. St. John 10. 1 - 10
 

 

ISonto elitiwa uTrinity (Trinity Sunday).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke opakade, wena ote ekuvumeni kwetu ukukolwa okuqinisileyo wasipa tina abantu bako umusa wokuba sivume ubukosi bobuTatu obupakade; nasemandhleni obuKosi bobuNkulunkulu sikonze ubuNye; Siyancenga ukuba usilondoloze sime siqinile ku loku'kukolwa, usivikele njalo kuko konke okungasihlupayo, wena okona ubusa unguNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Rev. 4. 1 - 11
IVANGELI. St. John 3. 1 - 15
 

 

ISonto lokugala elilandela uTrinity (1st S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, ongamandhla al;o bonke aba tembela kuwe ; yizwa ngobunene bako imitandazo yetu; loku ngobutakataka esinabo ngemvelo singenze luto olulungileyo ngapandhle kwako, usisize ngomusa wako, ukuze kuti ngokugeina imiteto yako sitandeke kuwe ngezinhliziyo nangezenzo zetu; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 St. John 4. 7 - 21
IVANGELI. St. Luke 16. 19 - 31
 

 

ISonto lesibili elilandela uTrinity (2nd S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, wena ongayeki nakanye ukubasiza nokubabusa abantu bako obafundisayo ukwesaba nokutanda wena ngokuqinisileyo; Siyancenga ukuba usilondoloze usivikele ngokusibhekela kwako, usenze silesabe silitande iGama lako elingcwele; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 St. John 3. 13 - 24
IVANGELI. St. Luke 14. 16 - 24
 

 

ISonto lesitatu elilandela uTrinity (3rd S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyacela, sizwe ngesihhau; yenza ukuba tina, osinikile izinhliziyo ezitanda ukukuleka, sivikelwe ngamandhla ako amakulu, siduduzwe ebucayini bonke nasekuhlupekeni; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 St. Pet. 5. 5 - 11
IVANGELI. St. Luke 15. 1 - 10
 

 

ISonto lesine elilandela uTrinity (4th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, wena ong'umvikeli wabo bonke abatembela kuwe, okungeko luto olunamandhla, okungeko luto olungcwele ngapandhle kwako; Kulisa wenezelele ukusihhaukela kwako. ukuba tina esibuswa sihholwa nguwe, sihambe kahle ezintweni zamanje, ukuze kuti ekugcineni singalahlekelwa y'izinto zapakade. Sipe loku, Baba wasezulwini, ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Rom. 8. 18 - 23
IVANGELI. St. Luke 6. 36 - 42
 

 

ISonto lesihlanu elilandela uTrinity (5th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

SIYACELA, nKosi, yenza ukuba umhlaba uhanjiswe uhlelwe ubuswe nguwe ngokutula, ukuze iChurch lako likukonze ngokutokoza. litulile; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 St. Pet. 3. 8 - 15
IVANGELI. St. Luke 5. 1 - 11
 

 

ISonto lesitupa elilandela uTrinity (6th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, wena olungisele bona abakutandayo izinto ezinhle ezidhlula ukuqonda kwabantu ; Tela eainhliziyweni zetu utando ukuba sitande wena kakulu kunako konke okunye, sizuze loko okuhle ositembisa kona okudhlula konke esingakunxanelayo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Rom. 6. 3 - 11
IVANGELI. St. Matt. 5. 20 - 26
 

 

ISonto lesikombisa elilandela uTrinity (7th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, mNinimandhla onke, onobukosi bonke, okuvela kuwe konke okuhle; Tshala umilise ezinhliziyweni zetu utando, silitande iGama lako; usenezelele ukukolwa okuqinisileyo, usondhle ngako konke okulungileyo, nangesihhau sako esikulu usi­londoloze sibe nako njalo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Rom. 6. 19 - 23
IVANGELI. St. Mark 8. 1 - 9
 

 

ISonto lesishiyangalombili elilandela uTrinity (8th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, wena okuhlelayo konke okusezulwini nokusemhlabeni ngolkubhekela kwako okungakaukiyo; Siyacela sitobekile ukuba ususe kitina konke okungasilimazayo, usipe loko okungasisizayo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Rom. 8. 12 - 17
IVANGELI. St. Matt. 7. 15 - 21
 

 

ISonto lesishiyagalolunye elilandela uTrinity (9th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyacela, sipe umoya omuhle wokuba sicabange njalo okulungileyo sikwenze; ukuze kuti tina esingekwenze nakunye okulungileyo ngapandhle kwako, sipiwe nguwe amandhla okuhamba ngentando yako; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. I Kor. 10. 1 - 13
IVANGELI. St. Luke 16. 1 - 9
 

 

ISonto leshumi elilandela uTrinity (10th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, ngobunene bako izindhlebe zako mazi. vulekele ukulalela izicelo zabantu bako abatobekileyo, ubenze bacele loko okutandwa nguwe, ukuze bazuze lezo'zinto abazicelayo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 Kor. 12. 1 - 11
IVANGELI. St. Luke 19. 41 - 47
 

 

ISonto leshumi ngaye elilandela uTrinity (11th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, wena ovamayo ukubonakalisa ukuti ung'umNinimandhla onke ngokupata ngobunene nangesihhau; Sisize ngomusa wako sigijime endhleleni yemiteto vako, sizuze okuhle njengokusitembisa kwako, silifumane igugu osibekele lona ezulwini; ngaye udesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 Kor. 15. 1 - 11
IVANGELI. St. Luke 18. 9 - 14
 

 

ISonto leshumi nambili elilandela uTrinity (12th S. after Trinity).

IKOLEKTA

NKULUNKULU, mNinimandhla onke opakade, wena ohlezi ulungele ukusizwa singakatandi ukutandaza, uzing'usipa okuningi kunaloko esikucelayo singakufanele; Tela pezu kwetu imvamo yezipo zesihhau sako, usitetelele lezo'zinto esinovalo ngazo, usipe lezo ezilungileyo esingafanele nokuzicela kupela ngokusilamulela kukaJesu Kristu inDodana yako inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 2 Kor. 3. 4 - 9
IVANGELI. St. Mark 7. 31 - 37
 

 

ISonto leshumi nantatu elilandela uTrinity (13th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, onesihhau sonke, okuvela kuwena wedwa amandhla okuba abantu bako abatembekileyo bakukonze ngeginiso nangokulunga; Siyancenga yenza ukuba sikukonze ngeqiniso sisahamba lapa emhlabeni ukuze kuti ekupeleni singalahlekelwa y'iloko ositembisile kona okusezulwini; ngaloko akwenza uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Gal. 3. 16 - 22
IVANGELI. St. Luke 10. 23 - 37
 

 

ISonto leshumi nane elilandela uTrinity (14th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, opakade, yenezelela kitina ukolo, netemba, notando; usenze sitande imiyalo yako, ukuba sitole okuhle ositembisa kona; ngaye ujesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Gal. 5. 16 - 24
IVANGELI. St. Luke 17. 11 - 19
 

 

ISonto leshumi nesihlanu elilandela uTrinity (15th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyancenga ukuba ulondoloze iChurch lako ngobunene bako obungakaukiyo; loku tina abantu esibutakataka singeme singasekelwa nguwe, sisize, usilondoloze nialo singalinyazwa luto; usihholele kuko konke okungasisindisayo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Gal. 6. 11
IVANGELI. St. Matt. 6. 24 - 34
 

 

ISonto leshumi nesitupa elilandela uTrinity (16th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyancenga ukuba uhlambulule iChurch lako ulivikele ngesihhau sako esingakaukiyo; loku lingeme kahle uma lingasekelwa nguwe, lilondoloze njalo, ulisize ngokulunga kwako; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Ef. 3. 13 - 21
IVANGELI. St. Luke 7. 11 - 17
 

 

ISonto leshumi nesikombisa elilandela uTrinity (17th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyacela ukuba umusa wako usandulele usilandele njalo, usenze sipikelele ngezikati zonke ukwenza okulungileyo; ngaye uJesu. Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Ef. 4. 1 - 6
IVANGELI. St. Luke 14. 1 - 11
 

 

ISonto leshumi-nesishiyangalombili elilandela uTrinity (18th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyacela, bape abantu bako amandhla okulwa neziyengo zomhlaba, nezenyama, nezikaSatan, balandele wena, o nguNkulunkulu wedwa, ngezinhliziyo ezimhlope; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 1 Kor. 1. 4 - 8
IVANGELI. St. Matt. 22. 34 - 46
 

 

ISonto leshumi nesishiyagalolunye elilandela uTrinity (19th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, loku singenakwenza okutandekayo kuwe, uma singasizwa nguwe; Yenza ngesihhau sake ukuba uMoya wake oy'iNgcwele aqondise abuse izinhliziyo zetu ngezikati zonke; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Ef. 4. 17 - 32
IVANGELI. St. Matt. 9. 1 - 8
 

 

ISonto lamashumi amabili elilandela uTrinity (20th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, onesihhau esikulu, siyancenga ukuba ngesihle sako esikulu usilondoloze singalinyazwa luto; ukuze kuti sesilungile imizimba nemipefumulo yetu sifeze ngokujabula konke otanda ukuba kwenziwe; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Ef. 5. 15 - 21
IVANGELI. St. Matt. 22. 1 - 14
 

 

ISonto lamashumi amabili nanye elilandela uTrinity (21st S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, wena onesihhau, siyancenga ukuba utetelele abantu bako abatembekileyo; ubenzele ukutula, ukuba bahlambululeke kuko konke ukwona kwabo, bakonze wena ngenhliziyo egcidileyo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Ef. 6. 10 - 20
IVANGELI. St. John 4. 46 - 54
 

 

ISonto lamashumi amabili nambili elilandela uTrinity (22nd S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyancenga ukuba ulondoloze indblu yako, el'iChurch lako, ukuba ihlale ilungele ukukonza wena njalo; kuti ngokuvikela kwako ingahlupeki, ibe nomoy a wokukukonza ngemisebenzi yonke emihle, ukuze kudunyiswe lGama lako; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Fil. 1. 3 - 11
IVANGELI. St. Matt. 18. 21 - 35
 

 

ISonto lamashumi amabili nantatu elilandela uTrinity (23rd S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, nqaba yetu, mandhla etu, wena okuvela kuwe ukulunga konke; Yizwa siyancenga, ukukuleka kweChurch lako, uvume ukuba lezo'zinto esizicelayo ngokuginisileyo sizizuze ngempela; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Fil. 3. 17 - 21
IVANGELI. St. Matt. 22. 15 - 22
 

 

ISonto lamashumi amabili nane elilandela uTrinity (24th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyancenga ukuba utetelele abantu bako izono zabo ; ukuze kuti ngesihle sako esikulu, sikululwe sonke ezibotshweni zalezo 'zono esizenzileyo ngobutakataka betu. Sipe loku, Baba wasezulwini, ngenxa yake uJesu Kristu inKosi yetu no­mSindisi wetu obongekayo. Amen.

IPISTOLA. Kol. 1. 3 - 12
IVANGELI. St. Matt. 9. 18 - 26
 

 
ISonto lamashumi amabili nanhlanu (lokugcina) elilandela uTrinity (25th S. after Trinity).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyancenga ukuba uvuse izinhliziyo zabantu bako abatembekileyo, ukuze kuti, beveza kakulu izitelo eziy'imisebenzi elungileyo, bavuzwe ngomvuzo omkulu; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Jer. 23. 5 - 8
IVANGELI. St. John 6. 5 - 14

Uma esekona amanye amaSonto andulela uAdvent Sunday, kuyakwenziwa ngawo inKonzo yalawo'maSonto alandela uEpifany ay'esele, ukugcwalisa isikala salawo angalungiselwanga inKonzo. Kepa uma eneipile, inKonzo eseleyo iyekwe; kepa iKolekta, nePistola, neVangeli okulungiselwe ISonto lokugcina kwenziwe ngalo ISonto elandulela uAdvent.
 

 

USuku luka Saint Andrew (Nov. 30).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNininimandhla onke, wena owanika umApostoli wako oy'iNgcwele, uSaint Andrew, umusa wokuba atshetshe ukulalela lap'ebizwa inDodana yako uJesu Kristu, wayilandela engalibalanga: Yenza ukuba tina sonke, sibiziwe ngeZwi lako elingcwele, sizinikele masinyane silalela, ukuze sigcine imiteto yako engcwele; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Rom. 10. 9 - 21
IVANGELI. St. Matt. 4. 18 - 22
 

 

USuku luka Saint Thomas umApostoli (Dec. 21).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, okona njalo, wena owenza ukuba inkolo iqiniswe ngokungabaza kuka Thomas umApostoli wako oy'ingcwele, engabaza ngokuvuka kwenDodana yako ekufeni; Yenza ukuba sikolwe ngokupeleleyo kuyo inDodana yako uJesu Kristu singangabazi, kungasoleki ukukolwa kwetu. Sizwe, nKosi, ngaye uJesu Kristu, odunyiswa ebatshazwa kanye nawe noMoya oy'iNgcwele, manje napakade. Amen.

IPISTOLA. Ef. 2. 19 - 22
IVANGELI. St. John 20. 24 - 31
 

 
UkuGuqulwa kuka Saint Paul (Jan. 25).

IKOLEKTA

NKULUNKULU, wena owati, ngokushumayela kuka Saint Paul umApostoli wako obusisiweyo, wawukanyisela ngeVangeli lako wonke umhlaba; Siyancenga ukuba tina, sikumbula ukuguqulwa kwake okumangalisayo; sibonakalise ukubonga kwetu ngokuhamba njengokufundisa kwake okungcwele; ngaye uJesu Krlstu inKosi yetu. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Acts 9.1 - 22
IVANGELI. St. Matt. 19. 27 - 30
 

 

UkuSiwa kuka Kristu eTempelini eseyingane, okutiwa, UkuHlanjululeoa kuka Saint Maria inTombi (Feb. 2).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU mNinimandhla onke, okona njalo, siyacela kuwe sitobekile, wena oy'inKosi impela, ukuze kuti njengaloku inDodana yako ezelwe yodwa yasiwa etempelini, yaletwa pambi kwako yembete inyama yesintu, sengati nati singaletwa kuwe si nezinhhzlyo ezimhlope ezihlanjululiweyo, ngaye uJesu Kristu inDodana yako inKosi yetu. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Mal. 3. 1 - 5
IVANGELI. St. Luke 2. 22 - 40
 

 

Usuku luka Saint Matthias (Feb. 24).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owaketa umuntu wako otembekileyo uMatthias wambeka esikundhleni sikaJudas umuntu lowo omubi, abeno'owabApostóli aba 'lishumi nambili; yenza ukuba lChurch lako livikelwe njalo lingoniwa ngabApóstoli bamanga, lihlelwe lihholwe ngabalusi abatembekileyo abalungileyo; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Acts. 1. 15 - 26
IVANGELI. St. Matt. 11. 25 - 30
 

 

UkuBikelwa kuka Maria inTombi ebusisiweyo (March 25).

IKOLEKTA.

NKOSI, siyacela, tela umusa wako ezinhliziyweni zetu; ukuze kuti tina esikwazi ngezwi lengelosi ukuzitatela kwake ubuntu uJesu Kristu inDodana yako, sigondiswe ngesipambano sake nangokuhlupeka kwake, size siletwe ebukosini bokuvuka kwake; ngaye uJesu Kristu inKosi yeti Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Isa. 7. 10 - 15
IVANGELI. St. Luke 1. 26 - 38
 

 

USuku luka Saint Mark (April 25).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena olifundisile iChurch lako elingcwele imfundiso yasezulwini ngaye uSaint Mark umVangeli wako; Sipe umusa wokuba singabi njeng'abantwana abapetshulwa y'imimoya yonke yemfundiso e'lize, kodwa sisinyanyiswe ngeqiniso leVangeli lako elingcwele; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. Ef. 4. 7 - 16
IVANGELI. St. John 15. l - 11
 

 

Usuku luka Saint Philip no Saint James (May 1).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, ukwazi wena ngeqiniso ku ngukupila , okupakade; Yenza ukuba simazi impela uJesu Kristu inDodana yako ukuti uy'inDhlela neQiniso nokuPila; ukuze kuti silandela emikondwem yabApostoli bako abangcwele uSaint Philip no Saint James, sihambe ngokuqinisileyo endhleleni eya ekupileni okupakade; ngaye uJesu Kristu inDodana yako inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. St. James 1. 1 - 12
IVANGELI. St. John 14. 1 - 14
 

 

USaint Barnabas umApostoli (June 11).

IKOLEKTA.

NKOSI, Nkulunkulu, mNinimandhla onke, wena owamembesa umApostoli wako oy'ingcwele uBarnabas ngezipo ezikulu zikaMoya wako oy'iNgcwele; Siyancenga ungasishiyi sihlonga izipo zako ezinjani nezinjani; smgasweli nomusa wokuzipata njalo uze udunyiswe wena, ubatshazwe; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Acts 11. 22 - 30
IVANGELI. St. John 15. 12 - 16
 

 

Usuku luka Saint John UmBapatizi (June 24)

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, rnNinimandhla onke, okwati, ngokubhekela kwako, uJohn umBapatizi umuntu wako wazalwa ngokumangalisayo, watunyelwa ukuyilungisela inDodana yako umSindisi wetu indhlela, ngokushumayela ukupenduka; Sihambise endhleleni yemfundiso neyokulunga kwake, size sipenduke ngokuqinisileyo njengokushumayela kwake, silingise yena, ngokupikelela ukukuluma iqiniso, nangokukuza ububi ngesibindi, nangokubekezela ekuhlupekeni ngenxa yeqiniso; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Isa. 40. 1 - 11
IVANGELI. St. Luke 1. 57 - 80
 

 

Usiuku luka Saint Peter (June 29).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owati ngenDodana yako uJesu Kristu wamupa umApostoli wako uSaint Peter izipo eziningi ezilungileyo, wamyalisisa ukuba awupe umhlambi wako; Siyancenga ukuba ubasize abaBishop nabalusi bonke bomhlambi wako bakutalele ukushumayela iZwi lako elingcwele, usize nabantu ukuba balalele lona, ukuze bamukeliswe umqele wobukosi obupakade; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Acts 12. 1 - 11
IVANGELI. St. Matt. 16. 13 - 19
 

 

Saint James UlnApostoli (July 25).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, wena onesihhau, sisize ukuba kuti njengaloku uSaint James umApostoli wako ongcwele washiya uyise nako konke anako, kalibalanga lapo ebizwa inDodana yako uJesu Kristu, wesuka wamlandela, nati masishiye izinkanuko zonke zomhlaba nezenyama, silhlale njalo silungele ukuhamba ngemiteto yako engcwele; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

OKUMSELWE IPISTOLA. Acts 11. 27 and 12. 1-3.
IVANGELI. St. Matt. 20. 20 - 28
 

 

USaint Bartholomew umApostoli (August 24).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, opakade, wena owamupa uBartholomew umApostoli wako umusa wokuba akolwe alishumayele ngeqiniso iZwi lako; Siyancenga, siza iChurch lako ukuba lilitande lelo'lizwi yena akolwa yilo, lishumayele, lilamukele lona; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

OKUMSELWE IPISTOLA. Acts 5. 12 - 16
IVANGELI. St. Luke 22. 24 - 30
 

 

USaint Matthew umApostoli (Sept. 21).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owati ngenDodana yako ebongekayo wambiza uMatthew ehlezi endaweni yokutela imali, ukuba abe ngumApostoli nomVangeli ; Sipe umusa wokuba siyeke konke ukunxanela nokutanda kabi imfuyo, silandele yena uJesu Kristu inDodana yako, okona ebusa nawe noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye njalo, kuze kube pakade. Amen.

IPISTOLA. 2 Kor. 4. 1 - 6
IVANGELI. St. Matt. 9. 9 - 13
 

 

Saint Michael neziNgelosi zonke (Sept. 29).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, opakade, wena owayimisa wayihlela ngokumangalisayo inkonzo yeziNgelosi neyabantu: Siyacela ukuba, njengaloku iziNgelosi zako ezingcwele zikukonza njalo ezulwini, ngesihhau sako uzimisele ukusisiza nokusivikela tina esi lapa emhlabeni; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

OKIIMISELWE IPISTOLA. Rev. 12. 7 - 13
IVANGELI. St. Matt. 18. l - 10
 

 

USaint Luke umVangeli (Oct. 18).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owambiza uLuke inyanga yokwelapa odunyiswa eVangelini, ukuba abe ng'umVangeli nenyanga yokwelapa imipefumulo; Makutandeke kuwe ukuba ngemiti yake epilisayo, eng'ukufundisa kwake, izifo zonke zemipefumulo yetu zelatshwe zipele; ngaye Jesu Kristu inDodana yako, inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. 2 Tim. 4. 5 - 15
IVANGELI. St. Luke 10. 1. - 7
 

 

USaint Simon no Saint Jude, abApostoli (Oct. 28).

IKOLEKTA.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena ol'akile iChurch iako pezu kwesisekelo esing'abApostoli nabaProfeti, uJesu Kristu uqobo e'litshe elikulu legumbi; Sihlanganise sibe'nhliziyonye ngokufundisa kwabo, size sibe 'litempeli elingcwele elamukeleka kuwe :ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

IPISTOLA. St. Jude 1 - 8
IVANGELI. St. John 15. 17 - 27
 

 

Usuku lwabaNgcwele bonke (All Saints, Nov. 1).

IKOLEKTA

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena obahlanganisile abaketiweyo bako babe iBandhla linye, elingumzimba, wake ngokwemfihlo uKristu inDodana yako inKosi yetu; Sisize ngomusa ukuba silingise abaNgcwele bako ababusisiweyo ngokuhamba ngokulungileyo nangokungcwele, size sifinyelele ekutokozeni loko okungakulumekiyo okulungiselwe bona abatanda wena ngokungazenzisi; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

OKUMISELWE IPISTOLA. Rev. 7. 2 - 12
IVANGELI. St. Matt. 5. 1 - 12

 

 

Return to the 1662 Book of Common Prayer in Zulu

Web author: Charles Wohlers U. S. EnglandScotlandIrelandWalesCanadaWorld