Seal of the Church in the Province of Southern Africa The Book of Common Prayer
United States England Scotland Ireland Wales Canada World

    The Book of Common Prayer (1662)
in Zulu

 

NGENKONZO YABAFUNDISI

    AbaPristi nabaDiakoni bonke ngabekuleka izinsuku zonke ngenKonzo yaKusasa neyanTambama: uma bengakuleki emhlanganweni, ngabekuleka ngapandhle kwomhlangano. Bakululekile kodwa abagulayo nalabo abavinjelwa indaba enkulu.
    UmFundisi os'esikundhleni sokukonza enDhlini yeSonto, inxa esekaya, nga enza umTandazo wenKonzo enDhlini yeSonto: nga enza ukuba insimbi itshayelwe lomsebenzi wake ngesikati esifaneleyo, sokuba abantu beze ukuzwa iZwi lika Nkulunkulu, bakuleke kanye naye.



Introductory Rubrics for Morning & Evening Prayer

INKONZO YAKUSASA YEZINSUKU ZONKE

Ekuqaleni kwenKonzo yakusasa umKonzi makafunde ngezwi elizwakalayo iSentense lemiBhalo engcwele libe linye noma 'mangaki kulawa alandelayo; anduba makatsho loko okulandela wona.

UMUNTU oy'isoni uma ependuka ezonweni azenzileyo, enze okwomteto nokulungileyo, wowusindisa umpefumulo wake, apile.   Ezek. 18. 27.
    Ngiyazi izeqo zami, isono sami sipambi kwami njalo.   IHhubo 51. 3.
    Ubuso bako ubusitele izono zami, ubesule ububi bami.   IHhubo 51. 9.
    Umhlatshelo otandwa uNkulunkulu ungumoya odabukileyo, inhliziyo edabukileyo, ehlabekileyo, wena, Nkulunkulu, auyikuyinqaba.   IHhubo 51. 17.
    Dabulani izinhliziyo zenu, ningazidabuli izingubo zenu, nipendukele enKosini uNkulunkulu wenu; ngokuba unomusa yena nesihhau, uyepuza ukutukutela, umnene kakulu, uyazikuza angenzi okunzima.   Joel 2. 13.
    Isihhau nokutetelela kungokwenKosi uNkulunkulu wetu, nakuba sihlubukile kuye, singalalelanga izwi lenKosi uNkulunkulu wetu, singahambanga ngemiteto yake ayimisile pambi kwetu.   Dan. 9. 9, 10.
NKosi, ngilungise ngokwaneleyo, kungabi ngokutukutela, funa ungigedele.   Jer. 10. 24; IHhubo 6. 1.
    Pendukani ngokuba umbuso wezulu seusondele.   Mat. 3. 2.
    Ngizakusuka ngiye kubaba, ngiti kuye, Baba, ngonile kulo izulu nasebusweni bako; angisafanele ukuba kutiwe ngi 'yindodana yako.   Luke 15. 18, 19.
    Ungamyisi umuntu wako ecaleni, nKosi; ngokuba ebusweni bako kak'umuntu ongatiwa olungileyo.   IHhubo 143. 2.
    Uma siti, asi nasono, siyazikohlisa, akuko'qiniso kitina; kodwa uma sivuma izono zetu yena uneqiniso ulungile ukuba asitetelele izono zetu, asihlambulule kuko konke okungalungile.   1 John 1. 8, 9.

BAZALWANE abatandiweyo, iNcwadi eNgewele iyasiyala ezindaweni eziningi ukuba sizivume izono zetu, singazenzisi sizifihle pambi kukaNkulunkulu umNinimandhla onke, uBaba wetu wasezulwini; iti asizivume ngenhliziyo etobekileyo, edabukileyo, elalelayo; ukuze sitetelelwe ngomusa wake nesihhau sake esingakaukiyo. Ngasizitoba ngezikati zonke sizivume izono zetu pambi kukaNkulunkulu, kepa ikakulu ngásenza loku lapa sibutanele ukubonga konke okuhle okukulu esikwamukele ezandhleni zake, simdumise yena ofanele ukudunyiswa, silizwe iZwi lake elingcwele, sicele kuye konke esikuswelayo nokwomzimba nokwompefumulo. Ngaloko-ke ngiyanincenga, nina nonke, eni kona, ukuba ningilandele ngenhlizyo emhlope nezwi elitobekileyo, sisondele enKosini yasezulwini enomusa, sitsho siti:
 

Morning Prayer

Isivumo sezono sokutshiwo umhlangano wonke ulandele umKonzi, bonke begugile ngamadolo.

BABA mNinimandhla onke, onomusa wonke; Siposisile sadukelana nezindhlela zako njengezimvu ezilahlekileyo. Sihambe kakulu ngamacebo nezinkanuko zezinhliziyo zetu. Seqile imiteto yako engcwele. Siputile ukwenza loko engasikwenzile; Senzile loko engásingakwenzanga; Akuko ukulunga kitina. Kodwa wena, nKosi, sihhaukele tina' zoni ezilusizi. Bayekele, Nkulunkulu, abavuma izono zabo. Babuyise abazisolayo, Njengokutembisa kwako abantu ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Sipe ngaye, Baba onomusa wonke; Ukuba ngasemva kwaloku sihambe ngokwazisa wena; ngokulunga, nangokuzitiba, Ukuze kudunyiswe iGama lako elingcwele. Amen.
 

Confession

IsiKululo sezono sokumenyezelwa ng'umPristi yedwa, emi, abantu besagugile.

UNKULUNKULU umNinimandhla onke, uYise wenKosi yetu uJesu Kristu, ongatandi ukuba isoni sife, kepa etanda ukuba sipenduke siyeke ukwona sisinde; ubapile abaKonzi bake amandhla ubayalile ukuba bamemezele kubantu bake abazisolayo ukukululwa nokutetelelwa kwezono zabo; yena uyabatetelela abakulule bonke abapendukayo ngeqimso bekolwa impela iVangeli lake elingcwele. Ngalokoke asicele kuye ukuba asipe ukupenduka okuginisileyo, asipe noMoya wake oy'iNgcwele, ukuze loko esikwenzayo manje kutandeke kuye, nokuze ukuhamba kwetu ngasemva kwaloku kube mhlope, kube ngcwele, kuze kuti ekupeleni sifinyelele ekutokozeni kwake okupakade; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

Ti Abantu mabatsho lapa nas'ekugcineni kwe­minye imitandazo yonke, bati. Amen.
 

Absolution

Anduba umKonzi alcaguqe awutsho umTandazo wenKosi ngezwi elizwakalayo; abantu besagugile bewutsho kanye naye, lapa wenziwa kona enkonzweni ka Nkulunkulu.

BABA Wetu osezulwini, Malahlukaniswe iGama lako. Mauze umbuso wako. Mayenziwe intando yako emhlabeni njengasezulwini. Sipe namuhla ukudhla kwetu kwanamuhla. Sitetelele izono zetu, Njengokuba nati sibatetelela abasonayo. Ungasiyisi ekulingweni; Kodwa usikulule kwokubi. Ngokuba umbuso ungowako, namandhla, nobukosi, Kuze kube pakade. Amen.

UmKonzi abeseti,

NKOSI, vula imilomo yetu.
Isilandelo. Kona izakuzwakalisa udumo lwako.
UmPristi. Nkulunkulu, kauleza usisindise.
Isilandelo. Tshetsha ukusisiza, nKosi.

Lapa sebemi bonke, umPristi makatsho ati,

    Makudunyiswe uYise, nenDodana : noMoya oy'iNgcwele;
    Isilandelo. Njengokuba kwakunjalo ekuqaleni, kusenjalo namanje : kuyakuba njalo kuze kube pakade. Amen.
    UmPristi. Dumisani inKosi.
    Isilandelo. IGama lenKosi malidunyiswe.

Anduba malifundwe kumbe lihlatshelelwe leli 'Hhubo: kepa maliyekwe ngosuku luka Easter, oluneHhubo elimiselwe lona, nangosuku 19 lwezinyanga zonke, ngokuba lisemaHhubweni alolo'suku.
 

Lord's Prayer

VENITE, Ihhubo 95.

WOZANI, sihhubele inKosi : sitokozisise ngetshe elisisindisayo.
    Sifike pambi kwayo sibonga : siziveze singabatokoza ngayo ngamahhubo.
    Ngokuba inKosi inguNkulunkulu omkulu : iy'inKosi enkulu pezu kwonkulunkulu bonke.
    Izimfunda zomhlaba zisesandhleni sayo : ezayo futi neziqongo zezintaba.
    Olwayo nolwandhle, lwenziwa yiyo : nomhlaba owomileyo wenziwa isandhla sayo.
    Wozani, sikuleke, sikotame pansi : siguqe pambi kwenKosi umEnzi wetu.
    Ngokuba uy'inKosi uNkulunkulu wetu : si ngabantu bedhlelo layo, izimvu zesandhla sayo.
    Namhlanje uma niyakuzwa izwi layo : ningazenzi lukuni izinhliziyo zenu.
    Njengamhla beyicunula : beyilinga ehlane.
    Lapo okoko benu babengilingisisa : bebona ukwenza kwami.
    Ngeminyaka e'mashumi 'mane: ngatukuteiiswa yileso sizukulwane.
    Ngaza ngati, Ba ngabantu abaduka ngenhliziyo : ngokuba bengazazi izindhlela zami.
    Ngabafungela ngitukutele ngati : Abayikungena ekupumuleni kwami.
    Makudunyiswe uYise, nenDodana : noMoya oy'iNgcwele.
    Njengokuba kwakunjalo ekuqaleni, kusenjalo namanje : kuyakuba njalo, kuze kube pakade. Amen.

Kube sekulandela amaHhubo kaDavid njengaloku emisiwe. Ekupeleni kwelinye nelinye iHhubo nasekupeleni kweBenedicite, Benedictus, Cantate Domino, Magnificat, na Nunc dimittis, makupindwe lawamazwi, okuti,

    Makudunyiswe uYise, nenDodana : noMoya oy'iNgcwele;
    Isilandelo. Njengokuba kwakunjalo ekuqaleni, kusenjalo namanje: kuyakuba njalo, kuze kube pakade. Amen.

Kube sekufundwa kahle isiFundo sokuQala ngezwi elizwakalayo esikulo iTestamente eliDala niengokumisiwe eKalendar, uma zingeko iziFundo ezimiselwe lolo'suku: ofundayo malceme apendukele ebantwini enzela ukuba bezwe kahle bonke. Anduba makutshiwo, kumbe kuhlatshelelwe, iHhubo elitiwa Te Deum Laudamus, izinsuku zonke zomnyaka.

Qapela, kungakafundwa umKonzi ab'es'etsho ati, IsiFundo sencwadi etiwa ... . esahlukwern . . . siyagala ngeverse . . Ekugcineni makatsho ati, 'Sipela lapa isiFundo sokuQala noma sesiBili.
 

Venite (Psalm 95)

TE DEUM LAUDAMUS

SIYADUMISA wena, Nkulunkulu : siyavuma ukuba wena uyinKosi.
    Umhlaba wonke ukuleka kuwe : unguYise opakade.
    Izingelosi zonke zihhubela wena : nezulu nama ndhla alo onke.
    AmaKerubi, namaSerafi: ahhubela wena njalonjalo ngokuti,
    INgcwele, iNgcwele, iNgcwele : inKosi uNkulunkulu wamabandhla.
    Kugcwele izulu nomhlaba : ubukulu bobukosi bako.
    Ibandhla labApostoli elidumileyo : liyadumisa wena.
    Umpakati wabaProfeti obabazekayo : uyadumisa wena.
    Nempi yabaMartire embete ubumhlope : iyadumisa wena.
    IChurch elingcwele elisemhlabeni wonke : liyavuma wena.
    UYise: onobukosi obungenamkaulo.
    Nay o inDodana yako eyodwa : edumisekayo, eyonavona.
    Ray e uMoya oyi'Ngcwele : ongumLuleki.
    Uy' inKosi yobukosi : wena Kristu.
    Uy' inDodana epakade : kaYise wena.
    Kwati ukuvuma kwako ukukulula abantu : awenyanyanga ukuzalwa y'inTombi.
    Kwati ukwahlula kwako ubuhlungu bokufa : umbuso wezulu wawuvulela bonke abakolwayo.
    Us'uhlezi ngasekunene kukaNkulunkulu: ebukosini bukaYise.
    Sivakolwa ukuba uyakuza : ube umAhluleli kitina.
    Ngaloko-ke siyacela kuwe, siza abantu bako: obahlengile ngegazi lako elinqabileyo.
    Yenza ukuba bavuzwe kanye nabangcwele bako: ebukosini obupakade.
    NKosi, sindis'abantu bako : ubusise ifa lako.
    Ubabuse wena : ubapakamise kuze kube pakade.
    Imihla ngemihla : tina siyabonga wena.
    Siyalidumisa iGama lako : kuze kube pakade.
    Vuma, nKosi: ukusilondoloza namhla singabi nasono.
    NKosi, yiba nomusa kitina: yiba nomusa kitina.
    NKosi, umusa wako mawehlele pezu kwetu : njengaloku sitembela kuwe.
    NKosi, sengitembele kuwe : angiyikujabhiswa napakade.
 

 

Noma lel'iHhubo.

BENEDICITE

    NINA nonke, misebenzi yenKosi, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze; kuze kube pakade.
    Nani, zingelosi zenKosi, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, mazulu apezulu, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, manzi apezu kwesibakabaka, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, mandhla onke enKosi, bongani inKosi niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, langa nenyanga, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, zinkanyezi zezulu, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade:
    Nani, mvula namazolo, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, mimoya kaNkulunkulu, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, mlilo nokufudumala, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, busika nehlobo, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, mazolo nesitwatwa, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, ligwa namakaza, bongani inKosi : niyldumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, busuku nemini, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, kukanya nobumnyama, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, zinyazi namafu, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Umhlaba wonke auyibonge inKosi : impela auyidumise, uyibabaze, kuze kube pakade.
    Nina, zintaba namaduli, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, zinto ezihlumayo emhlabeni, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, mitombo, bongani inKosi: niyidumise, niyibabaze: kuze kube pakade.
    Nani, zilwandhle nezikukula, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, mikomo nako konke okuhambayo emanzini, bongani inKosi : niyidumise, niyIbabaze, kuze kube pakade.
    Nani, zinyoni zonke ezindizayo, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, zilwane zonke nezinkomo, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, bantwana babantu, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    AbaIsraeli mabayibonge inKosi : bayidumise, bayibabaze, kuze kube pakade.
    Nina, baPristi benKosi, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, bantu benKosi, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze, kuze kube pakade.
    Nani, bomoya nemipefumulo yabalungileyo, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze kuze kube pakade.
    Nani, bantu abangewele abatobileyo, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze kuze kube pakade.
    Nani, Ananiya, noAzariya, noMisayele, bongani inKosi : niyidumise, niyibabaze kuze kube pakade.
    Makudunyiswe uYise, nenDodana : noMoya oy'iNgcwele;
    Njengokuba kwakunjalo ekuqaleni, kusenjalo namanje : kuyakuba njalo, kuze kube pakade. Amen.
 

 

Kube sekufundwa isiFundo sesiBili esikulo iTestamente eliTsha. Anduba kulandele leli'Hhubo; kepa maliyekwe uma lifundwe esiFundweni sosuku: maliyekwe nangosuku luka St. John umBapatizi ngokuba li'liVangeli lalolo'suku.

BENEDICTUS.   St. Luke 1. 68.

MAYBONGWE inKosi uNkulunkulu kaIsraeli : ngokuba ihambele kubantu bayo, yabahlenga.
    Yasipakamisela upondo lokusindisa : endhlini kaDavid umuntu wayo.
    Njengokutsho kwayo ngomlomo wabaProfeti bayo abangewele : seloku kwadabuka umhlaba.
    Olwokusisindisa eziteni kiti : nasesandhleni sabo bonke abasizondayo
    Ukuba yenze umusa eyabatembisa okoko betu wona : ikumbule isiVumelwano sayo esingcwele.
    Sokuti yafunga kubaba uAbrahama : yati iyakusipa,
    Ukuba sikululwe esandhleni sezita kiti : siyikonze, singesabi,
    Ngobungcwele nangolkulunga pambi kwayo izinsuku zonke zokuhamba kwetu.
    Wena, mntwana, uzakutiwa : umProfeti woPezu kwayo konke;
    Ngokuba uyakuyandulela inKosi: ulungise izindhlela zayo;
    Ubazise abantu bayo ukusindiswa kwayo : ngokutetelelwa kwezono zabo,
    Ngomusa kaNkulunkulu wetu, ahambela kitina ngawo : yena o'luVivi lwapezulu.
    Ukuba abakanyisele abahlezi ebumnyameni, nasetunzini lokufa : ahholele izinyawo zetu endhleleni yokutula.
    Makudunyiswe uYise, nenDodana : noMoya oyi'Ngcwele;
    Njengokuba kwakunjalo ekuqaleni, kusenjalo namanje : kuyakuba njalo, kuze kube pakade. Amen.
 

 

Noma leli'Hhubo.

JUBILATE.   Ihhubo 100.

JABULANI ngenKosi : nina mazwe onke.
  Niyikonze inKosi ngokutokoza : nifike pambi kwayo nihhuba.
    Yazisisani ukuba inKosi inguNkulunkulu: yiyo esenzileyo asizenzanga tina.
    Singabantu bayo : siy'izimvu zedhlelo layo.
    Ngenani emasangwenl ayo niyibonga : nasendhlini yayo niyibabaza.
    Niyibonge : nilipate kahle iGama layo.
    Ngokuba inKosi inomusa : asipeli isihhau savo.
    Iqiniso layo limi : kuzo zonke izizukulwane.
    Makudunyiswe uYise, nenDodana : noMoya oy'iNgcwele ;
    Njengokuba kwakunjalo ekuqaleni kusenjalo namanje : kuyakuba njalo kuze kube pakade. Amen.

UmKonzi nabantu besemi mabahlabelele, kumbe balande, isiVumo soKolo esitiwa esabApostoli: kodwa siyayekwa ngezinsuku okumiselwe ukuba kufundwe ngazo isiVumo soKolo esitiwa esika Saint Athanasius.
 

 

NGIYAKOLWA kaNkulunkulu uYise umNinimandhla onke, UmEnzi wezulu nomhlaba :
    NakuJesu Kristu inDodana yake eyodwa inKosi yetu, Owatatshatwa ngoMoya oy'iNgcwele, Wazalwa yinTombi uMaria, Wahlupeka kuPontiu Pilatu, Wabetelwa esipambanweni, wafa, wabekwa elibeni, Wehla waya kwabapansi; Ngosuku lobutatu wabuya wavuka kwabafileyo, Wenyuka waya ezulwini, Usahlezi kona ngasekunene kuka Nkulunkulu uYise umNinimandhla onke; Uyakuvela kona ezokwahlulela abasekona nabafilevo.
    Ngiyakolwa kuMoya oy'iNgcwele; Nakulo iChurch elingcwele eliKatolika ; Nakuko ukuhlangana kwabaNgcwele ; Nakuko ukutetelelwa kwezono ; Nakuko ukuvuka kwomzimba ; Nakuko ukupila okupakade. Amen.

Besekwenziwa lemitandazo, bonke beguoile, umKonzi aqale atsho ngezwi elizwakalayo, ati,

InKosi maibe nani.
Isilandelo. Maibe nomoya wako.
UmKonzi. Asitandaze.
NKosi, sihhaukele.
Kristu, sihhaukele.
NKosi, sihhaukele.

UmKonzi nabaHlabeleli nabantu besebetsho umTandazo wenKosi ngezwi elizwakalayo,
 

Apostles' Creed

BABA WETU osezulwini, Malahlukaniswe iGama lako. Mauze umbuso wako. Mayenziwe intando yako emhlabeni njengasezulwini. Sipe namuhla ukudhla kwetu kwanamuhla. Sitetelele izono zetu, Njengokuba nati sibatetelela abasonayo. Ungasiyisi ekulingweni; Kodwa usikulule kwokubi. Amen.

UmPristi abes'esukuma ati,

    NKosi, bonakalisa isihhau sako kitina.
    Isilandelo. Sipe okwako okusindisayo.
    UmPristi. NKosi, londoloza uKing wakiti.
    Isilandelo. Sizwe ngesihhau uma sikala kuwe.
    UmPristi. Yembesa ngokulunga abakonzi bako.
    Isilandelo. Batokozise abantu bako obaketileyo.
    UmPristi. NKosi, londoloza abantu bako.
    Isilandelo. Busisa ifa lako.
    UmPristi. Pana ukutula ngesikati setu, nKosi.
    Isilandelo. Ngokuba kako osilwelayo, nguwe wedwa, Nkulunkulu.
    UmPristi. Nkulunkulu, hlambulula izinhliziyo zetu pakati kwetu.
    Isilandelo. Ungasamuki uMoya wako oy'iNgcwele.

Besekulandela amaKolekta amatatu; elokuqala libe elalolo'suku, kube yilo elimiselwe isiDhlo senKosi; elesibili libe elokucela ukutula; elesitatu libe elokucela amandhla okuhamba kahle. Law'amaKolekta, elesibili, nelesitatu awanakuyekwa kepa ayakupatwa njalo enKonzweni yakusasa umnyaka wonke, bonke begugile.
 

Lord's Prayer & Suffrages
IKOLEKTA LESIBILI ELOKUCELA UKUTULA.

NKULUNKULU okuvela kuwe ukutula, ongumtandi wokuvumelana ; ukwazi wena kung'ukupila okupakade, ukukonza wena ku ngukubusa impela ; Sivlkele tina'bantu bako abatobekileyo lapo abay'impi kiti besihlaselayo; ukuba tina esitembela kuwe singesab' amandhla ezita kiti; ngamandhla kaJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

2nd Collect, for Peace

IKOLEKTA LESITATU ELOKUCELA AMANDHLA.

NKOSI, Baba wasezulwini, Nkulunkulu, mNinimandhla onke, opakade, wena osilondolozile kahle saza sabona ukuqala kwalolu'lusuku; Sivikele ngalo ngamandhla ako amakulu; usipe ukuba namhla singoni ngaluto, singangeni ebucayini; kodwa izenzo zetu zonke mazihlelwe nguwe, senze ngezikati zonke okulungileyo emhlaweni ako; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

Akuhlatshelelwe lapa iGama.

Anduba kulandele lemiTandazo enaihlanu; kepa uma kwenziwa iLitany, makwenziwe emibili yokugcina kupela endaweni yawo eLitany.
 

3rd Collect, for Grace

NUMTANDAZO WOKUTANDAZELA INKOSI UKING.

NKOSI, Baba wasezulwini, wena ongapezu kwako konke, mNinimandhla onke, nKosi yamakosi, mBusi wababusi, wena wedwa ohlela amakosi, obabonavo bonke abakileyo emhlabeni, usesihlalweni sobukosi bako; Sincenga wena ukuba ubheke ngomusa umbusi wetu omnene, uGeorge uKing wakiti ; umgcwalise ngamandhla ka Moya wako oy'iNgewele, ukuze avumele njalo okubonwa nguwe, ahambe ngendhlela yako; umengezelele kakulu izipo zako zasezulwini; umupe ukubamba kade nokuhlala kamnandi nokufuya ; umqinise anqobe ahlule izita zonke kuye; kuze kuti, ukudhlula kwake kuloku'kuhamba, afinyelele ekutokozeni okupakade; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

Prayer for the King

UMTANDAZO WOKUTANDAZELA ABENDHLUNKULU.

NKULUNKULU mNinimandhla onke, mtombo wokulunga konke ; Siyazitoba sicela ukuba ubusise uMary uQueen wakiti omnene, no Alexandra unina wenkosi, no Edward umntwana uPrince wase Wales, nabo bonke abendhlunkulu : bape uMoya wako oy'iNgcwele, ubagcwalise ngomusa wako wasezulwini, ubanike inhlanhla nokutokoza konke; ubayise embusweni wako opakade; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

Prayer for the Royal Family

NUMTANDAZO WOKUTANDAZELA ABAFUNDISI NABANTU.

NKULUNKULU mNinimandhla onke opakade, wena wedwa owenza izimangaliso ezikulu; Yehlisela uMoya womusa wako opilisayo kubo abaBishop bakati, nabaKonzi, namabandhla onke abekwe kubo; ubatele ngamazolo okubusisa kwako, ukuba batandeke kuwe ngeqiniso. Sipe loku, nKosi, ukuba adunyiswe umMeli nomLamuleli wetu uJesu Kristu. Amen.
 

Prayer for the Clergy & People

UMTANDAZO KA ST. KRISOSTOM.

NKULUNKULU mNinimandhla onke, wena osenzele umusa ngalesisikati wokuba sicele nganhliziyonye kuwe, otembisayo ukuti uma kuhlangene babili batatu ngeGama lako uyakubapa loko abakucelayo; Yenza manje, nKosi, okufunwa nokucelwa abantu bako njengokufanele bona; sipe ukwazisisa iqiniso lako siselapa emhlabeni, ukuze kuti ngesikati esizayo sifumane ukupila okupakade. Amen.

2 Kor. 13, v. 14.

UMUSA wenKosi yetu uJesu Kristu, notando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oy'iNgcwele, makube kitina sonke kuze kube pakade. Amen

Iyapela lapa Inkonzo yakusasa izinsuku zonke.

Prayer of St. John Chrysostom

 

Return to the 1662 Book of Common Prayer in Zulu

Web author: Charles Wohlers U. S. EnglandScotlandIrelandWalesCanadaWorld