Seal of the Church in the Province of Southern Africa The Book of Common Prayer
United States England Scotland Ireland Wales Canada World

    The Book of Common Prayer (1662)
in Zulu

 

INKONZO YOKWENZA ISIDHLO SENKOSI,

NOMA

UKUDHLELANA OKUNGCWELE.
 

Bonke abazimisele ukwamukela isiDhlo senKosi mabamazise umPristi amagama abo lungakafiki us'uku lwesiDhlo.

Uma ekona kubo owaziwa yibo bonke ukuti ungumuntu ohamba kabi, noma onile owakelene naye ngezwi noma ngesenzo laza lanengwa iBandhla, UmPristi ekwazi loko akambize lowo'muntu amtshelisise ukuti angalokoti ukusondela eTafuleni lenKosi engakatsho pambi kweBandhla ukuti usependukile ngokuqinisileyo walungisa ukuhamba kwake okwonakeleyo, ukuze iBandhla elanengwa yiko likolwe ukuti upendukile: nokuti usekulungisile loko abem'one ngako, kumbe utembisile ukuti uyakulungisa lapa enamandhla okwenza njalo.

UmPristi uyakwenza kanialo futi kubantu okubonakalayo ukuba kukona umona nenzondo pakati kwabo: angabavumeli ukuba basondele eTafuleni lenKosi aze aqonde ukuba sebebuyisene. Uma omunye kubo abaxabeneyo evuma ukutetelela ngenhliziyo yake yonke konke abem'one ngako: kuy'ilapo omunye engaba ukubuyisana kepa ehlezi ngenkani nomona: umPristi ufanele ukwamukela opendukileyo esiDhlweni senKosi; amnqabele ongapendukile. Kepa UmPristi, uma emnqabela umuntu ngokunjalo, noma emnqabela ngaloko okusemtetweni ongasenhla, unecala lokuba abikele umBishop loko akwenzileyo, kungakadhluli izinsuku ezilishumi nane. UmBishop wopata leyo'ndaba njengokwomteto weChurch.

Ngesikati sesiDhlo, iTafula liyakuma pakati nenDhlu yeSonto noma eChancel lapo inKonzo yakusasa neyantambama imiselwe ukwenziwa kona: lembesiwe ngendwangu enhle emhlope yelinen. UmPristi emi ngasenyakato kweTafula atsho umTandazo wenKosi, neKolekta elilandelayo, abantu begugile.
 

 

The Order of the Administration of the Lord's Supper
or
Holy Communion

BABA WETU osezulwini, Malahlukaniswe iGama lako. Mauze umbuso wako. Mayenziwe intando yako emhlabeni njengasezulwini. Sipe namuhla ukudhla kwetu kwanamuhla. Sitetelele izono zetu, Njengokuba nati sibatetelela abasonayo. Ungasiyisi ekulingweni; Kodwa usikulule kwokubi. Amen.
 

Lord's Prayer

IKOLEKTA.

NKULUNKULU mNinimandhla onke, izinhliziyo zonke zivulekile kuwe ; izimfiso zonke zaziwa nguwe, akuko luto olufihlelwe wena; Yenza ibe mhlope imicabango yeziuhliziyo zetu ngokupefumulela kuzo uMoya wako oy'iNgcwele, ukuze sikutande ngokupeleleyo, silidumise ngoku­faneleyo iGama lako elingcwele; ngaye uKristu inKosi yetu. Amen.

UmPristi abesependukela ngakubantu, amemezele ngezwi elizwakalayo IMITETO E'LISHUMI; abantu besaguqile bacele ngemva kwayo yonke imiTeto ngaminye, isihhau sika Nkulunkulu ngenxa yezego zabo zesikati esidhlulileyo, bacele nomusa wokuba bayigcine ngesikati esizayo, ngokuti.
 

Collect for Purity

UmPristi.

UNKULUNKULU wawamemezela lamazwi wati.
Mina ngiy'inKosi, uNkulunkulu wako : ungabi nabanye oNkulunkulu ngapandhle kwami.
    Abantu. NKosi, sihhaukele : uqondise izinhliziyo zetu zibambe lomteto.
    UmPristi. Ungazenzeli isitombe, ungazenzeli umfanekiso waluto olusezulwini pezulu, nolusemhlabeni pansi, nolusemanzini ngapansi kwomhlaba. Ungakotami pambi kwazo, ukuleke kuzo. Ngokuba mina inKosi uNkulunkulu wako nginguNkulunkulu ozazisayo, ngibatwesa abantwana ukwona kwaoyise kuze kube isizukulwane sesitatu nesesine sabangizondayo, ngenza umusa ezinkulungwaneni zabangitandayo bebamba imiteto yami.
    Abantu. NKosi, sihhaukele : uqondise izinhliziyo zetu zibambe lomteto.
    UmPristi. Ungadhlali ngeGama lenKosi uNkulunkulu wako, ngokuba inKosi aiyikumyeka angabi nacala lowo odhlala ngeGama layo.
    Abantu. NKosi, sihhaukele : uqondise izinhliziyo zetu zibambe lomteto.
    UmPristi. Kumbula ukwahlukanisa usuku lweSabata. Wosebenza ngezinsuku ezi y'isitupa, wenze ngazo wonke umsebenzi wako. Kepa olwesikombisa lu'liSabata lenKosi uNkulunkulu wako. Ungasebenzi ngazo nabanye, wena nendodana yako, nendodakazi yako, nomuntu wako wesilisa nowesifazane, nezinkomo zako, nowezizwe okona kuwe. Ngokuba ngezinsuku ezi y'isitupa inKosi yenza izulu nomhlaba nolwandlale nako konke okukona, yapumula ngolwesikombisa ; ngakoke inKosi yalukulisa olwesikombisa, yalwahlukanisa lona.
    Abantu. NKosi, sihhaukele : uqondise izinhliziyo zetu zibambe lomteto.
    UmPristi. Yazisa uyihlo nonyoko, ukuba izinsuku zako zibe ziningi ezweni olipiweyo inKosi uNkulunkulu wako.
    Abantu. NKosi, sihhaukele : uqondise izinhliziyo zetu zibambe lomteto.
    UmPristi. Ungabulali.
    Abantu. NKosi, sihhaukele: uqondise izinhliziyo zetu zibambe lomteto.
    UmPristi. Ungapingi.
    Abantu. NKosi, sihhaukele : uqondise izinhliziyo zetu zibambe lomteto.
    UmPristi. Ungebi.
    Abantu. NKosi, sihhaukele : uqondise izinhliziyo zetu zibambe lomteto.
    UmPristi. Ungafakazi ngamanga ngowakelene nawe.
    Abantu. NKosi, sihhaukele : uqondise izinhliziyo zetu zibambe lomteto.
    UmPristi. Unganxaneli indhlu yowakelene nawe, unganxaneli umfazi wowakelene nawe, nomuntu wake owesilisa nowesifazane, nenkabi yake, nembongolo yake, nokunye kwake.
    Abantu. NKosi, sihhaukele : uyibhale yonke lemiteto yako ezinhliziyweni zetu, siyancenga, nKosi.

Besekulandela elinye iKolekta kulawa'rnabili okutandazela uKing, umPristi esemi njengakuqala, ati,
 

 Ten Commandments

Masitandaze.

NKULUNKULU mNinimandhla onke, o'mbuso wako umi njalo napakade, o'mandhla ako angenamkaulo; lihhaukele iChurch lako lonke, uyibuse inhliziyo kaGeorge umuntu wako oketiweyo, uKing wakiti, ukuba azi ukuti uy'induna kabani, azame ukwandisa udumo nobukosi bako pezu kwako konke; kuti tina nabantu bake bonke, sikumbula njalo ukuti amandhla ake avelapi, simkonze ngeginiso simazise simlalele ngokuzitoba, ngawe njengeZwi lako elibongekayo nomyalo wako; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu, okona ebusa nawe noMoya oy'iNgcwele, uNkulunkulu munye, kuze kube pakade. Amen.

Noma,

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, opakade, sifundiswa ngeZwi lako elingcwele ukuti izinhliziyo zamakosi zibuswa zipatwa nguwe, nokuti uzihlela uzipendula niengokubona kwako Siyacela kuwe sitobekile ukuba uyimise uyibuse inhliziyo kaGeorge umuntu wako, uKing wakiti; ukuze kuti ngokucabanga kwake konke, nangamazwi ake onke, nangokwenza kwake konke, azame njalo ukwandisa udumo nobukosi bako, apikelele ukulondoloza abantu bako ababekwe pansi kwake, babe nenhlanhla, nokutula, nokulunga; sipe loku, Baba onesihhau, ngenxa yenDodana yako etandekayo uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

Besekwenziwa iKolekta lalolo'suku. Ngemva kweKolekta umPristi afunde IPistola ati, IPistola lilotshiwe (noma, umBhalo omiselwe IPistola ulotshiwe) esahlukweni — encwadini — kuqala ngeVerse —. IPistola selifundiwe ati, Lipela lapa IPistola. Abesefunda iVangeli (abantu bemi) ati, iVangeli eliNgcwele lilotshiwe esahlukweni — sika — kugala ngeVerse —. Selifundiwe iVangeli, besekuhlatshelelwa noma kutshiwo lesi'siVumo soKolo, abantu besenzi njalo.
  

 Prayers for the King

NGIYAKOLWA KUNKULUNKULU MUNYE uYise umNinimandhla onke, umEnzi wezulu nomhlaba, nowako konke okubonakalayo nokungabonakaliyo.
    Nakuyo inKosi inye uJesu Kristu, inDodana eyodwa ezelwe uNkulunkulu, izelwe uYise kungakabiko izikati zonke; inguNkulunkulu ivela kuNkulunkulu, ingukuKanya ivela kuko ukuKanya, inguNkulunkulu impela ivela kuNkulunkulu impela, Eyazalwa, engenziwanga, iSubstansi layo linye nelikaYise, Okwenziwa iyo konke: Eyehla ezulwini ngati tina abantu nangokusisindisa, Yenziwa inyama ngoMoya oy'iNgcwele kuyo inTombi uMaria, Yaba umuntu, Futi yabetelwa esipambanweni ngenxa yetu kuPontiu Pilatu, Yahlupeka, Yabekwa elibeni, Ngosuku lobutatu yabuya yavuka njengokulotshiweyo, yenyuka yaya ezulwini, Isahlezi kona ngasekunene kukaYise. Iyakupinda ize nobukosi ukwahlulela abasekona nabafileyo: Umbuso wayo suyikupela.
    Ngiyakolwa nakuMoya oy'iNgcwele, oy'inKosi, opilisayo, Opuma kuYise nakunDodana, Obongwayo edunyiswa kanye noYise nenDodana, Owashumayela ngabaProfeti. Ngiyakolwa nakulo iChurch linye eliKatolika elab'Apostoli. Ngivuma umBapatizo munye wokutetelela izono, Ngibheka ukuvuka kwabafileyo, Nokupila kvvezikati ezizayo. Amen.

UmPristi abesebika kubantu izinsuku ezingcwele nezokuzila ezifanele ukugcinwa kulelo'viki elilandelayo. Besekubikwa usuku lwesiDhlo senKosi (uma siyakuba kona); besekufundwa izimemezelo zemiTshado: kufundwe nezincwadi ezivela kumBishop, nezokukipa abantu eBandhleni. Akungamenyezelwa luto enDhlini yeSonto ngesikati senKonzo eNgcwele kupela ngumPristi, naye angamemezeli luto kupela okungemiteto yale'ncwadi, noma okuvela kuye uKing noma kumBishop.

Besekulandela InShumayelo.

UmPristi abesebuyela eTafuleni lenKosi aqale iOffertory, afunde libe linye, noma emangaki, kulawa 'maSentense alandelayo, akete njengokubona kwake.
 

 Nicene Creed

UKUKANYA kwenu akuqame pambi kwabantu, ukuze babone ukwenza kwenu okuhle, bamdumise uYihlo osezulwini. St. Matt. 5.
    Ningazibekeli imfuyo lapa emhlabeni, lapo yonakaliswa kona ukugqwala nenundu, lapo amasela efohla kona ebe; kodwa zibekeleni imfuyo ezulwini, lapo ingonakaliswa kona ukugqwala nenundu, lapo amasela engafohli kona ebe. St. Matt. 6.
    Konke enitanda ukuba abantu banenzele kona, nani benzeleni kona loko, ngokuba loku kungumTeto nabaProfeti. St. Matt. 7.
    Akusibo bonke abatshoyo kimi ukuti, NKosi, nKosi, abayakungena embusweni wezulu, yilowo kupela owenza intando kaBaba wasezulwini. St. Matt. 7.
    UZakeus wesuka wema wati kuyo inKosi, Bheka, nKosi, ngabela abampofu inxenye yezimpahla zami; futi uma ngaka ngamudhla umuntu into yake ngiyibuyisela kuye ipindwe kane. St. Luke 19.
    Ng'ubani oya empini edhla okwake na! Ng'ubani otshala insimu yamavayini kepa angadhli izitelo zayo na? Ng'ubani owalusa umblambi kepa angadhli amasi awo na?  1 Kor. 9.
    Uma sahlwanyela kinina okwomoya, kuy'mto enkulu y'ini ukuba sivune okwomhlaba kwenu na? 1 Kor. 9.
    Anazi y'ini ukuti bona abakonzayo bepata izinto ezingcwele badhla kuwo umhlatshelo na? nabo abe niyo ealtar badhlelana nalo na? Njaloke inKosi yayala yati, Bona abashumayela iVangeli mabapile ngokweVangeli. 1 Kor. 9.
    Yena ohlwanyelayo kancane uyakuvuna kancane; yena ohlwanyelayo kakulu uyakuvuna. kakulu. Akube y'ilowo anikele njengokutanda kwenhliziyo yake, angenzi ngokuncitshana noma ngokunyinyeka, ngokuba uNkulunkulu utanda onikelayo ngokutokoza. 2 Kor. 9.
    Yena ofundiswa iZwi kam'abele umfundisi kuzo zonke izinto ezinhle. Ningakohliswa, uNkulunkulu kahlekwa, ngokuba loko umuntu akuhlwanyelayo uyakuvuna kona loko. Gal. 6.
    Sisenetuba asenzele bonke abantu okuhle, ikakulu abendhlu yokukolwa. Gal. 6.
    Ukumazisa uNkulunkulu kuy'imfuyo enkulu uma umuntu anele y'iloku anako, ngokuba asizanga naluto emhlabeni, kusobala ukuti singemuke naluto kuwo. 1 Tim. 6.
    Bayale abafuyileyo lapa emhlabeni ukuba bapane b'abelane, bezibekela ngaloko isisekelo esiqinileyo bekumbula isikati esizayo, ukuze bafinyelele ekupileni okupakade.
    UNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akohlwe ukwenza kwenu nokukutazela kwenu okuvela otandweni, enatanda ngalo iGama lake, loku nibasizile abangcwele, namanje nisabasiza. Heb. 6.
    Ningakohlwa ukwenza okulungileyo nokupana; ngokuba uNkulunkulu uyayitanda kakulu imihlatshelo enjalo. Heb. 13.
    Yena ofuyile impahla yalomhlaba, kuti uma embona umfo wabo entula angamhhaukeli, kungatshiwo kanjani ukuti utando luka Nkulunkulu lu kona kuye na? 1 John 3.
    Pana ngezinto zako, ungamfulateli umuntu ontulayo, kona inKosi ingayikukufulatela. Tobit. 4.
    Yiba nesihhau njengamandhla ako. Uma u nokuningi, pana kakulu; uma u nokuncinyane zama ukupa ngokujabula ngaloko okuncinyane; ngokuba. ngaloko uyazibekela umvuzo olungileyo ozakuba nawo ngosuku lokuswela kwabo. Tobit. 4.
    Yena ohhaukela ompofu utsheleka inKosi; bhekani, loko apana ngako kuyakubuyiselwa kuye. Prov. 19.
    Ubusisiwe lomuntu osiza abagulayo nabantulayo inKosi iyakumsindisa ngesikati sokuhlupeka kwake. IHhulo 41.

Kusafundwa lawa'maSentense, abaDiakoni noma amaChurchwarden, noma abanye abamiselwe loko, mabamukele izipo zabantu zokusiza abampofu neminye iminikelo ngesitsha esifaneleyo, bayise ngenhlonipo kumPristi: umPristi ayinikele ngokuzitoba pezu kweTafula eliNgcwele.

Uma sikona isiDhlo senKosi, umPristi akabeke pezu kweTafula isiNkwa neWayine abonayo ukuti kuzakwanela,

Sekwenziwe loko, unzPristi abeseti,
 

Offertory Sentences

Masitandazele iChurch lonke lika Kristu elilwayo lapa emhlabeni.

NKULUNKULU mNinimandhla onke, ongunapakade, wena owasifundisayo ngomApostoli wako ongcwele ukuti asitandazele abantu bonke sibabongele; siyazitoba sicela kuwe ukuba ngobunene bako obukulu (*wamukele izipo zetu neminikelo yetu) uvume ukwamukela lemitandazo yetu esiviletayo pambi kwako, wena, Nkulunkulu onobukosi. Siyancenga ukuba upefumulele ngalo eChurch eliKatolika umoy a weginiso nobunye nokuvumelana. Yenza ukuba bonke abavuma iGama lako elingcwele bavumelane futi ngeqiniso leZwi lako elingcwele, bahambe nganhliziyonye nangokutandana okulungileyo. Futi siyancenga ukuba ulondoloze uvikele amaKosi ouke angamaKristiane, nabo bonke abendhlu 'nkulu noHhulumeni bonke; ikakulu unilondoloze umuntu wako uGeorge uKing wakiti, ukuze sibuswe ngokulungileyo sibe nokutula. Yenza ukuba umpakati wake wonke, nabo bonke ababekwe ubunduna, batete amacala ngeqiniso nangokungaketi, kucitwe ukwona nobushinga, kuqiniswe ukukolwa okuyiko nokulunga. Baba wetu wasezulwini, banike abaBishop bonke nabaKonzi bonke umusa wokuba ngokuhamba kwabo nangokufundisa kwabo balicansisele iZwi lako eliqinisileyo, elipilisayo, bawenze ngokufaneleyo amaSakramente ako angcwele. Bape nabantu bako bonke umusa wako wasezulwini, ikakulu laba ababutene lapa manje, ukuze kuti, ngezinhliziyo ezitobileyo, nangokuhlonipa okufaneleyo, balizwe balibambisise iZwi lako elingcwele, bakukonze ngobungcwele nangokulunga izinsuku zonke zokuhamba kwabo. Siyancenga, nKosi, sitobekile kakulu, ukuba ngobunene bako ubaduduze ubasize bonke abahlupekileyo, abanosizi, abantulayo, abagulayo, noma abadabukileyo ngokunye okunzima, besahamba kuloku 'kuhamba okudhlulayo. Futi siyalibonga iGama lako elingcwele ngabo bonke abantu bako abadhlulileyo kulomhlaba besakolwa besaba wena; sincenga ukuba usipe amandhla okuba silingise bona ukuhamba kwabo okulungileyo, size sidhle kanye nabo ifa lombuso wake wezulu: Sipe loku, Baba wetu, ngaye uJesu Kristu umLamuleli nomMeli wetu oyedwa. Amen.
 

 Prayer for the Church Militant

 

 

* Uma kungeko izipo noma iminikelo ayekwe lawamazwi (wamukele izipo zetu neminikelo yetu)

NgeSonto noma ngosuku olungewele umPristi uyakubika usuku okuyakwenziwa njalo isiDhlo senKosi, kuti ngemva kwenshumayelo abesefunda lesi'siyalezelo esilandelayo.

BATANDEKAYO, ngosuku —— oiuzayo, ngiti, ngokusizwa uNkulunkulu, ngiyakubenzela bonke abanenhliziyo ekulekayo etanda inKosi, iSakramente eliduduzavo kakulu lomZimba ka Kristo neGazi lake; ukuze balamukele ngokukumbula isiPambano sake nokuHlupeka kwake esitola ngako kupela ukukululwa ezonweni zetu, esenziwa ngako izindhlalifa zombuso wezulu. Ngakoke kufanele ukuba sizitobe kakulu, simbonge ngenhliziyo uNkulunkulu umNinimandhla onke, uBaba wetu wasezulwini, ngokuba usinikele inDodana yake umSindisi wetu, uJesu Kristu, ukuba ingasifeli kupela, kepa ibe ukudhla kwemipefumulo yetu namandhla ayo ngalelo'Sakramente elingcwele. Lona iSakramente liy'into evela kuNkulunkulu impela, liduduza abalamukela ngokufanelekileyo, futi liy'ingozi enkulu kubo abanesibindi sokulamukela bengafanele ; kung'umsebenzi wami ukuniyala ukuba lingakenziwa iSakramente, nikumbule ubukulu balemfihlo engcwele, nengozi enkulu evela ngokulamukela ngokungafanele; akube njaloke nihlolisise izinhliziyo zenu nizibuze, ning'enzi loku ngokunganakekeli njeng'abazenzisayo kuNkulunkulu, kodwa nenze ukuze nize nimhlope ningabahlanzekile kulesi'siDhlo esikulu sas'ezulwini, nembete ingubo yomTshado uNkulunkulu asitshela enuBhalweni engcwele ukuy'ambata, namukelwe njengabafanele ukudhlelana kuleli'Tafula elingcwele.
    Kepa ukuze n'enze loko, kufanele ukuba nigale nizibuzisise ngokuhamba nangamazwi enu ngemiteto kaNkulunkulu; akuti lapa nibona ukuba n'onile kona, noma ngenhliziyo, noma ngezwi, noma ngokwenza, nizikalele ngaloko 'kwona kwenu, nizibike kuNkulunkulu, umNinimandhla onke, nibe nenhliziyo eqinisela ukulungisa ukuhamba kwenu. Futi uma nibona izono zenu ukuba anonanga kuNkulunkulu yedwa, kepa nonile nakwabakelene nani, anobuyisana nabo nizame impela ukulungisa baze baneliswe enibalimazile; nizame nokutetelela abanye abanonile njenigaloku nitanda ukutetelelwa uNkulunkulu; ngokuba uma kungenjalo, ukwamukela iSakramente elingcwele akusizi 'luto, kupela ukukulisa ukujeziswa kwenu. Ngako-ke uma ekona pakati kwenu otuka uNkulunkulu, noma ovimbela iZwi lake, nolihlebayo, noma oyisipingi, noma opete amagqubu, noma onomona, noma ekona ohlezi ekwoneni okunye okukulu, makapenduke ezonweni zake; uma engapenduki, angezi ku leli'Tafula elingcwele; funa mhlaumbe eselamukele leli'Sakramente elingcwele, uSatan angene kuye, njengokuba wangena ku Judas, anigcwalise ngok'ona konke, aniyise ekubhujisweni kwomzimba nokwompefumulo.
    Futi loku kufanele kakulu ukuba umuntu ang'ezi kuloku 'kudhlelana okungewele, engatembile impela isihhau sikaNkulunkulu, engenanhliziyo enhle kuye, ngaloko-ke uma ekona kini ongenamandhla okutulisa inhliziyo yake ngokwake, kodwa eswele ukududuzwa nokululekwa, makeze kimi, noma aye kwomunye umKonzi weZwi lika Nkulunkulu ohlakanipileyo, onokwazi, amlandise ukuhlupeka kwake; ukuze ngenkonzo yeZwi elingcwele lika Nkulunkulu azuze ukukululwa ezonweni zake, nangokuyalwa nokululekwa atole ukutula enhliziyweni yake, kupele uvalo nokungabaza konke.

Uma umPristi ebona ukuti abantu abakutaleli ukusondela esiDhlweni senKosi, makafunde lesi'siyalezelo.

BAZALWANE abatandekayo kakulu, ngosuku —— oluzayo ngiti, ngomusa ka Nkulunkulu, ngiyakwenza isiDhlo senKosi; ngiti, ngeGama lika Nkulunkulu, ngiyanimema nonke eni kona lapa nize kuso; ngiyanincenga impela ngayo inKosi uJesu Kristu, ukuba ning'ali ukuza kuso, ngokuba nimenywe uNkulunkulu ngotando lwake olukulu ukuza kuso. Niyazi ukuba kul'uhlupo kumuntu uma eselungisile isidhlo esikulu, esebekile etafuleni lake izinhlobo zonke zokudhla, kungeko luto oluswelekileyo, kusweleke abantu kupela, kepa abamenyiweyo b'ale ukuza kuso benezinhliziyo ezingabongiyo, kungeko luto olubavimbelayo. Ng'umupi kini ongehlupeke ngaloko na? Ongecabange ukuba upetwe kabi yibo, womwe kakulu na? Ngaloko-ke, bazalwane abatandekayo kakulu ku Kristu, qapelisisani kakulu funa kuti ngokuzahlukanisa kwenu nalesi'siDhlo esingcwele, nizipembele ukutukutela kuka Nkulunkulu. Ku lula ukuba umuntu atsho ukuti, Angiyikulamukela iSakramente elingcwele, ngokuba ngivinjelwe umsebenzi walomhlaba. Kepa izaba ezinje azamukeleki azivunyelwa uNkulunkulu. Uma umuntu etsho ukuti, Ngi yisoni esikulu, ngaloko-ke ngiy'esaba ukuza; kungani po angapenduki, azilungise na? Nxa nimenywa uNkulunkulu, aninamahloni ngani ukutsho ukuti aniyikuza na? Lapa nganipendukela kuNkulunkulu, nizenzelani izaba zokuti, anikalungi na? Kumbulani ukuba lezo'zaba enizenzayo azi'luto kuNkulunkulu. Labo esifunda
ngabo eVangelini ab'alayo ukuya esidhlweni, ngokuba betengile izwe, kumbe betanda ukulinga izinkabi zabo, kumbe beganiwe, akutshiwongo ukuti abanacala, kodwa kwatiwa, abasifanele isidhlo seZulu. Mina, ngokwami, ngiyakuba nginilungisele ; ngiti futi, ngokwesikundhla sami, ngiyanimema ngeGama likaNkulunkulu, ngenxa kaKristu, ngiyanibiza, nginiyala njengaloko nitanda ukusindiswa, ukuba nisondele nidhle kulesi 'siDhlo esingcwele. Njengaloku inDodana kaNkulunkulu yavuma ukunikela umpefumulo wayo ekufeni esipambanweni, yenzela ukunisindisa; kunjaloke nganisamukela lesi 'siDhlo esingcwele nikumbule umhlatshelo wokufa kwayo, njengokuyala kwayo. Uma ninganakekeli ukwenza loko, kumbulani ezinhliziyweni zenu ukwona okungaka en'ona ngako ngakuye uNkulunkulu; kumbulani nokutshaywa okungaka okulenga pezu kwamakanda enu, nxa niyeka ngamabomu iTafula lenKosi, nizahlukanisa nabafo wenu abezayo ukudhla lesi'siDhlo sezulu. Uma nicabangisisa ngalezi'zinto, ngomusa kaNkulunkulu niyakupinda nibe nezinhliziyo ezilungileyo; futi ukuze nizuze loko, asiyi'kuyeka ukuzitoba sinikulekele kuNkulunkulu umNinimandhla onke, uBaba wetu was'ezulwini.

Ngesikati sesiDhlo, abantu belungiselwe ukulamukela iSakramente elingcwele, umPristi asitsho lesi'siyalezelo.

BANTU benKosi, nina enitanda ukusondela nihlangane ngokulamukela iSakramente lomZimba neGazi lika Kristu umSindisi wetu, nganikumbula ukuba uSaint Paul uyabayala abantu bonke ukuba bangasondeli badhle kulesi'sinkwa, bapuze kulesi'sitsha bengakazihlolisisi. Ngokuba si nenzuzo enkulu uma silamukela leliSakramente elingcwele ngenhliziyo ependukile impela nangokukolwa okuqimsileyo : ngokuba siyawudhla umZimba kaKristu siyalipuza iGazi lake ngokwomoya; siyahlala kuye uKristu, uKristu, uyahlala kitina; siya hlangana noKristu, uKristu uyahlangana nati. Kepa ingozi inkulu uma silamukela ngokungafanele; ngokuba siyakuba necala lokudumaza umZi mba neGazi kaKristu umSindisi wetu; ngaloku 'kudhla nokupuza kwetu siyakuzehlisela isijeziso singawugondi umZimba wenKosi; siyakumtukutelisa uNkulunkulu, simvuse asitshaye ngezifo eziningi nangokufa okunjani nokunjani. Ngalokoke, bakiti, zibuzeni, yikona aniyikubuzwa y'inKosi; pendukani ngeginiso nizisole ngezono zesikati esidhlulileyo; nikolwe ngokuginisileyo kuKristu umSindisi wetu; nilungise ukuhamba kwenu; nitandane impela nabantu bonke; yikona niyakuba ng'abafanele ukuyamukela lemfihlo engcwele. Kepa-ke ikakulu nganibonga uNkulunkulu uYise nenDodana noMoya oy'iNgcwele ngezinhliziyo ezitobekileyo ngokuba umhlaba wahlengwa nguJesu Kristu umSindisi wetu ngokufa nokuhlupeka kwake, yena onguNkulunkulu nomuntu; owazitoba waza wafa esipambanweni ngenxa yetu, tina zoni ezilusizi, esasilele ebumnyameni nasetunzini lokufa, ukuze asenze sibe ngabantwana bakaNkulunkulu, asipakamise sibe nokupila okupakade. Kwati, ukuze sikumbule njalo ukusitanda kakulu kwenKosi nomSindisi wetu uJesu Kristu eyasifela kanjalo ; sikumbule nezibusiso zonke eziningi esizitola ngeGazi lake elinqabileyo elopiswa ngenxa yetu, wamisa izimfihlo ezingcwele ukuze zibonakalise utando kwake, zisikumbuze njalo ukufa kwake, sitokoziswe kuze kube pakade. Ngakoke asimbonge yena kanye noYise noMoya oy'iNgcwele, okuy'inkonzo engasiyenza; sizitobe pambi kwake, sivume ngenhliziyo yonke ukupatwa ngentando yake engcwele; sizame ukumkonza ngeqiniso nangokulunga izinsuku zonke zokuhamba kwetu. Amen.

UmPristi abesetsho kwabazakwamukela isiDhlo esingcwele, ati,
 

Exhortations

NINA enipenduka ngokuginisileyo ezonweni zenu, nitandana nabakelene nani, nizimisele ukuhamba ngokutsha, nilalela imiteto ka Nkulunkulu, nihamba ngasemva kwaloku endhleleni yake engcwele; Sondelani ngokukolwa, namukele leli'Sakramente elingcwele ukuba niduduzwe, nizitobe nivume izono zenu kuNkulunlkulu, umNinimandhla onke, ngezinhliziyo ezitobekileyo, nigugile ngamadolo.

Besekwenziwa lesi'siVumo sezono ngenxa yabo abazakusamukela isiDhlo esingcwele, senziwe omunye kubo abaKonzi; yena kanye nabantu begugile bonke ngarnadolo, beti.
 

 Invitation

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, Yise wenKosi yetu uJesu Kristu, mEnzi wako konke, mAhluleli wabantu bonke; Siyazivuma izono zetu eziningi, sikala ngazo, Esizenzileyo futifuti ngokucabanga, nangokukuluma, nangokwenza, S'onile ebukosini bako, Sizivusela ukutukutela kwako okufaneleyo. Sesipendukile impela sidabukile ngenhliziyo ngalezizono zetu; Ukukumbula zona kuyasihlupa kakulu: Asinako ukuzitwala. Sihhaukele, Sihhaukele, Baba onesihhau esikulu; NgenDodana yako inKosi yetu uJesu Kristu, Sitetelele konke okwesikati esidhlulileyo; Yenza ukuba emva kwaloku sikukonze, Sitandeke kuwe ngokuhamba okutsha, Ukuze iGama lako elingcwele lidunyiswe libatshazwe ; Ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

UmPristi (noma umBishop uma ekona) abesesukuma, apendukele ngaku'bantu, atsho lesi'siKululo.

UNKULUNKULU umNinimandhla onke, uBaba wetu wasezulwini, yena otembisile ngesihhau sake esikulu ngokuti uyakubatetelela izono zabo bonke abapendukele kuye ngenhliziyo yonke, bekolwa kuye ngokuginisileyo; makanihhaukele annetelele izono zenu zonke, anikulule kuzo, aniqinise nilunge impela, aniyise ekupileni okupakade; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

UmPristi abeseli,
 

 Confession & Absolution

Lalelani amazwi aduduzayo omSindisi wetu uKristu awatshoyo kubo bonke abapendukele kuye ngeqiniso, okuti,

WOZANI kimi nina nonke enikatazekile, nisindwa kakulu, ngonipumuza. St. Matt. 11. 28.
    UNkulunkulu wawutanda umhlaba kakulu waza wanikela inDodana yake ezelwe yodwa, ukuze bonke abakolwa kuyo bangabhubhi, kodwa babe nokupila okupakade. St. John 3. 16.

Lalelani futi okutshiwo uSaint Paul,

    Leli'zwi liy'iqiniso, lifanele ukwamukelwa abantu bonke, lokuti, uJesu Kristu weza emhlabeni ukusindisa izoni. 1 Tim. 1. 15.

Lalelani futi okutshiwo uSaint John,

    Uma umuntu ona, si nomMeli pambi kuka Yise, uJesu Kristu olungileyo; ng'uyena oy'isihlaulelo sezono zetu. 1 John 2. 1.

Anduba umPristi aqube, eti,
 

 Comfortable Words

    Yenyusani izinhliziyo zenu.
    Isilandelo. Siyazenyusela enKosini.
    UmPristi. Asiyibonge inKosi yetu uNkulunkulu.
    Isilandelo. Kufanele kulungile ukwenza njalo.

UmPristi abesependukela eTafuleni lenKosi, ati,

* Law'amazwi okuti [Baba oyiNgcwele] ayekwe ngeSonto etititwa uTrinity
KUFANELE impela, kulungile, kuy'inkonzo engasiyenza, ukuba ngezikati zonke nasezindaweni zonke, sibonge wena, nKosi, *Baba oy'iNgcwele, Nkulunkulu mNinimandhla

Lapa akutshiwo amazwi esiBongo esimiselwe usuku uma sikona: uma singeko, besekutshiwo lawa'mazwi alandelayo,

NGAKOKE sihlangene nezingelosi nezikulu zazo, nebandhla lonke lasezulwini, siyalibabaza, silikulisa iGama lako elidumileyo, sibonga wena ngokuti ; iNgcwele, iNgcwele, iNgcwele, inKosi uNkulunkulu wamabandhla; kugcwele izulu nomhlaba ubukosi bako. Maudunyiswe wena, nKosi, opezu kwako konke. Amen.
 

 Sursum Corda

IZIBONGO EZIMISELWE IZINSUKU EZITILE.

NgoSuku luka Kristmas nezinsuku eziyisikombisa ezilandelayo.

NGOKUBA wanikela uJesu Kristu inDodana yako eyodwa, ukuba azalwe ngenxa yetu, kunga ngalesi'sikati, yena owati ngokwenza kukaMoya oy'iNgcwele wenziwa waba umuntu impela, ngesubstansi likanina uMaria inTombi, wazalwa engenacala nakanye, ukuba asihlambulule ezonweni zonke. Ngakoke, &c.

NgoSuku luka Easter nezinsuku eziyisikombisa ezilandelayo.

KODWA ikakulu kufanele ukuba sibonge ukuvuka okudumileyo kwenDodana yako uJesu Kristu inKosi yetu; ngokuba ng'uyena oyiMvana eyonayona yePasika eyanikelwa ngenxa yetu, yasusa, izono zomhlaba. Ngokufa kwake wageda ukuba; ngokuvuka kwake kwabafileyo wabuyisela kitina ukupila okupakada. Ngakoke, &c.

NgoSuku luka Ascension nezinsuku eziyisikombisa ezilandelayo.

NGAYO inDodana yako etandekayo kakulu uJesu Kristu inKosi yetu, eyati, lapo se ivukile kwabafileyo inobukosi obukulu, yazibonakalisa obala kubo abApostoli bayo bonke, yenyuka yaya ezulwini beyibhekile, yaya ukusilungisela indawo, ukuze lapo ikona nati senyuke siye kona, sibuse kanye nayo sinobukosi. Ngakoke, &c.

NgoSuku luka Whitsunday, nezinsuku eziyisitupa ezilandelayo.

NGAYE uJesu Kristu inKosi yetu; o'sitembiso sake esiqinisileyo safezeka, ngokuba uMoya oy'iNgcwele wehla ezulwini, kunga ngalesi'sikati, ngomdumo omkulu ozumayo njengesivunguvungu, ebonakala kungati izilimi, zinjeng'amalangabi omlilo, ehlala pezu kwabApostoli, eza kubafundisa nokubahholela kulo lonke iqiniso; ebapa amandhla okukuluma ngezilimi eziningi, nesibindi sokuba baqinise bashumayele iVangeli ngomoya ovutavo ezizweni zonke; ngaloko'kushumayela sakitshwa ebumnyameni nasekudukeni, sangeniswa ekukanyeni ukuba sikwazi wena ngokuqinisileyo, nenDodana yako uJesu Kristu. Ngakoke, &c.

NgoSuku luka Trinity kupela.

ONGUNKULUNKULU munye, oyinKosi inye ; ausilo uQobo lunye kupela, uy'izingQobo ezintatu kulo iSubstansi linye. Ngokuba loko esikolwa yiko ngobukosi bukaYise, siyakolwa yiko loko ngenDodana nangoMoya oy'iNgcwele, kungeko ukwahlukana nokungalingani. Ngakoke, &c.

Ngemva kwesinye nesinye isiBongo, besekuhlatshelelwa noma kutshiwo, ukuti,

NGAKOKE sihlangene nezingelosi nezikulu zazo, nebandhla lonke lasezulwini, siyalibabaza, silikulisa iGama lake elidumileyo, sibonga wena ngokuti; iNgcwele, iNgcwele, iNgcwele, inKosi uNkulunkulu wamabandhla; kugcwele izulu nomhlaba ubukosi bako. Maudunyiswe wena, nKosi, opezu kwake konde. Amen.

UmPristi, eguqile pansi ngas'eTafuleni lenKosi, atsho, ngenxa yabo bonke abazakwamukela isiDhlo, lomTandazo olandelayo.
 

 Proper Prefaces

NKOSI, wena onesihhau, asizenzeli ukusondela kuleli'tafula lako sitemba ukulunga kwetu, kepa siyetemba ubunene bako obukulu. Asifanele ngokwetu nokubuta imvutuluka nje ngapansi kwetafula lako. Kodwa wena uyinKosi e'kuma kwayo kung'ukuhhaukela njalo. Ngakoke sipe, nKosi, wena onesihhau ukuba siyidhle ngokufaneleyo iNyama yenDodana yako etandekavo uJesu Kristu, silipuze iGazi lake, ukuze imizimba yetu enokwona ihlanjululwe ngomzimba wake, nemipefumulo yetu igezwe ngeGazi lake elinqabileyo, size tina sihlale kuye, naye ahlale kitina, kuze kube pakade. Amen.

UmPristi, emi pambi kweTafula, esehlelile isiNkwa neWayini, ukuze abe nokuhlepula kahle isiNkwa pambi kwabantu, atate nesiTsha ngezandhla zake, abes'enza lomTandazo wokuNgcwelisa olandelayo.
 

 Prayer of Humble Access
NKULUNKULU, mNinimandhla onke, Baba wasezulwini, wena owasinikela ngesihhau sake esikulu inDodana yako eyodwa uJesu Kristu, ukuba asihlenge ngokufa kwake esipambanweni; yena owati, ngokuzinikela kwake kunye akwenza kwaba kanye, wenza umhlatshelo ongumnikelo owaneleyo, opeleleyo, olingeneyo, ngenxa yezono zabantu bonke, wabahlaulela; wamisa futi isikumbuzo sokuba kukunjulwe ukufa kwake oku nenani elikulu, wasiyala ngeVangeli lake elingcwele ukuba sisenze njalo aze abuye; Sizwe, Baba onesihhau,

(a) Lapa umPristi atate iPaten ngezandhla zake.

(b) Lapa asihlepule isiNkwa.

(c) Laga aheke isandhla sake pezu kwesiNkva sonke.

(d) Laga atate isiTsha ngesandhla sake.

(e) Lapa abeke isandhla sake pezu, kwazo zonke iziTsha [iChalise noma iFlagon] ezinewayine elizakungcweliswa.

siyancenga ngokuzitoba kakulu; yenza ukuba tina, sizamukela lezi'zinto ezenziwa nguwe, isinkwa newayine, njengesikumiselwe inDodana yako umSindisi wetu uJesu Kristu, kukunjulwa ukufa nokuhlupeka kwake, sidhle umZimba wake, silipuze iGazi lake okubongekayo kakulu: Owati ngalobo'busuku abanjwa ngabo awatata isiNkwa; kwati esebongile, bwasihlepula, wabapa abafundl bake, eti, Tatani, nidhle; cloku kung'umZimba warm onikelwa ngenxa yenu: yenzani loku ukuba ngikunjulwe. Futi emva kwokudhla dwatata nesiTsha; kwati esebongile wabanika sona eti, Puzani kuso nina nonke; ngokuba loku ekul'iGazi lami lesiVumelwano esiTsha eloplswa ngenxa yenu nabanlngl, loplselwa ukutetelela izono: Yenzani loku, ngezikati zonke zokulipuza kwenu, ukuba ngikunjulwe. Amen.

UmPristi abesesainukela isiDhlo izinhlobo zombili kuqala; anduba abele abaBishop, nabaPristi, nabaDiakoni ngokunjalo, uma bekona: abeseb'abela abantu ngabanye ezandhleni zabo beguqile ngokutobeka. Ekub'abeleni kwake isiNkwa, abeseti,
 

 Eucharistic Prayer

UMZIMBA wenKosi yetu uJesu Kristu owanikelwa ngenxa yako maulondoloze umzimba nompefumulo wako uze ufumane ukupila okupakade. Yamukela loku udhle, ukumbule ukuba uKristu wafa ngenxa yako, umudhle enhliziyweni yako ngokukolwa nangokubonga.

UmPristi es'abela ngesihhaa kumuntu abeseti,

IGAZI lenKosi yetu uJesu Kristu elopiswa ngenxa yako malilondoloze umzimba nompefumulo wako uze ufumane ukupila okupakade. Puza lokuukumbule ukuba iGazi likaKristu lopiswa ngenxa yako, ubonge.

Uma isiNkwa noma iWayine okungewelisiwe kupela, bengak'amukeli bonke, umPristi makabuye angcwelise okunye okwaneleyo ngesimiso sako: aqale kulawa' mazwi [UmSindisi wetu uKristu, ngolobo'busuku, &c.] okubusisa isiNkwa: aqale kulawa'mazwi [Futi emva kwokudhla, &c.] okubusisa isiTsha.

Sebamukele bonke, umPristi makabuyele kulo iTafula lenKosi, abeke pezu kwalo ngenhlonipo okungcwelisiwe okuseleyo, akusibekele ngendwangu emhlope yelinen.

Anduba umPristi enze umTandazo wenKosi, abantu bemlandela.
 

 Words of Administration

BABA WETU osezulwini, Malahlukaniswe iGama lako. Mauze umbuso wake. Mayenziwe intando yako emhlabeni njengasezulwini. Sipe namhla ukudhla kwetu kwanamuhla. Sitetelele izono zetu, Njengokuba nati sibatetelela abasonayo. Ungasiyisi ekulingweni; Kodwa usikulule kwokubi: Ngokuba umbuso ungowako, namandhla, nobukosi, Kuze kube pakade. Amen.

Besekutshiwo okulandelayo.
 

 Lord's Prayer

NKOSI, Baba wasezulwini, tina bantu bako abatobekileyo siyafunisisa kakulu ukuba uvume ngesihle sako, Baba, ukwamukela ngesihhau lomnikelo wetu wokubabaza nowokubonga. Siyancenga ngokuzitoba, yenza ukuba ngokufa kwenDodana yako uJesu Kristu, nangokulunga kwayo, nangokulitemba kwetu iGazi layo, tina kanye nalo lonke iChurch lako sitetelelwe sibe nako konke okuhle okutolakalayo ngokuhlupeka kwayo. Kaloku, nKosi, siyazimkela kuwe, imipefumulo nemizimba yetu, kube umnikelo oqondayo, ongcwele, ozwayo; siyancenga sitobekile, ukuba tina sonke esihlangene ngokulamukela leliSakramente elingcwele, sigcwaliswe ngomusa wako nesibusiso sasezulwini. Nakuba tina esinezono eziningi singafanele ukunikela kuwe umnikelo nowodwa nje, noko siyancenga ukuba uyamukela lenkonzo yetu engasikukonza ngayo, ungabheki loko esibongeka ngako, kodwa usitetelele izono zetu, ngaye uJesu Kristu inKosi yetu; ngaye, Baba, onamandhla onke, maudunyiswe wena, kanye naye, noMoya oy'iNgcwele, kuze kube pakade. Amen.

Noma.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, opakade, siyabonga ngezinhliziyo eziqinisileyo, ngokuba kutandeke kuwe ukuba tina esesizamukele ngokufaneleyo lezi'zimfihlo ezingcwele, sipiwe ukudhla okunqabileyo kwompefumulo, oku ngumZimba neGazi lenDodana yako umSindisi wetu uJesu Kristu; usiqinisela ngaloko utando lwako nobubele bako, nokuti siy'izito ezonazona zomzimba wenDodana yako; yona e'mzimba wayo oyimfihlo uliBandhla elibusisiweyo labantu bonke abakolwayo nokuti siy'izindhlalifa zombuso wako opakade, ngetemba esinalo ngenxa yokufa nokuhlupeka okunqabileyo kwenDodana yako etandekayo. Siyancenga sitobekile, Baba wasezulwini, sisize ngomusa wako, ukuba sihlale njalo sinako loko'kuhlangana okungcwele, senze konke okulungileyo osilungisele kona ukuba sihambe ngako; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu, odunyiswa ebatshazwa kanye nawe noMoya oy'iNgcwele, kuze kube pakade. Amen.
 

Thanksgivings

Besekutshiwo noma kuhlatshelelwe,

MAKADUNYISWE uNkulunkulu opezulu, kube ukutula emhlabeni, notando oluhle kubantu. Siyadumisa wena, siyababaza wena, siyakuleka kuwe, siyakulisa wena, siyabonga ubukosi bako obukulu, nKosi Nkulunkulu, nKosi yasezulwini, Nkulunkulu onguYise umNinimanhdla onke.
    NKosi, nDodana ezelwe yodwa, Jesu Kristu, nKosi Nkulunkulu, mVana ka Nkulunkulu, nDodana ka Yise, wena osusa izono zomhlaba, sihhaukele. Wena osusa izono zomhlaba, sihhaukele. Wena osusa izono zomhlaba, yamukela ukutandaza kwetu. Wena ohlezi ngasekunene kuka Nkulunkulu uYise, sihhaukele.
    Ngokuba wena wedwa. uy'ingcwele, wena wedwa uy'inKosi, wena wedwa Kristu, kanye noMoya oy'iNgcwele, upezu kwako konke ebukosini bukaNkulunkulu uYise. Amen.

UmPristi, noma urnBishop (uma ekona), akamukise abantu ngalesi'siBusiso.
 

Gloria
UKUTULA okuvela kuNkulunkulu okudhlula ukugonda konke, akugcine izinhliziyo zenu nimazi nimtande uNkulunkulu, nenDodana yake uJesu Kristu inKosi yetu: IsiBusiso sika Nkulunkulu umNinimandhla onke, uYise nenDodana noMoya oy'iNgcwele, asibe pakati kwenu, sihlale kini njalo. Amen.
 
Dismissal

AmaKolekta ayakwenziwa emva kweOffertory, uma singeko isiDhlo; angenziwa futi ngesikati umPristi atanda ukuba enziwe ngayo, nasemva kwamaKolekta enKonzweni yakusasa noma yantambama, neyesiDhlo, neyeLitany.

SISIZE ngesihhau, nKosi, kulezi'zicelo zetu nemitandazo yetu, usiqondise tina 'bantu bako size sifumane ukusindiswa okupakade; ukuze kuti, sisepakati kwazo zonke iziyiba nezingozi zaloku'kuhamba kwamanje, sivikelwe sisizwe nguwe, wena onomusa; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

NKOSI, mNinimandhla onke, Nkulunkulu opakade, siyancenga ukuba uqondise, uhlambulule, ubuse, izinhliziyo zetu nemizimba yetu, sihambe endhleleni yemiteto yako, silalele imiyalo yako ; ukuze kuti, ngokusivikela kwako ngamandhla manje napakade, silondolozwe imizimba nemipefumulo; ngaye uJesu Kristu inKosi nomSindisi wetu. Amen.

SIYACELA, Nkulunkulu, mNinimandhla onke, yenza ukuba lawómazwi, eszwezwileyo namhlanje ngezindhlebe zetu, amiliswe ngomusa wako ezinhliziyweni zetu; ukuze atele izitelo zokuhamba okulungileyo, kudunyiswe kubatshazwe iGama lako; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

SANDULELE, nKosi, ezenzweni zetu zonke ngomusa wako omkulu, usihambise ngokusiza kwako okungakaukiyo; ukuze sidumise iGama lako elingcwele ngezenzo zetu zonke esiziqalayo, esizenzayo, esizigcinayo, sitemba wena; nokuze ekupeleni ngesihhau sako sifumane ukupila okupakade; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, mtombo wokwazi konke; owazi ukuswela kwetu singakaceli, nokungazi kwetu lapa siti siyacela; Siyancenga ukuba usihhaukele tina esibutakataka; usipe lezo'zinto esesaba ukuzicela ngokuba singafanele, esingazi ukuzicela ngokuba si y'izimpumpute ; ngenxa ka Jesu Kristu inDodana yako inKosi yetu. Amen.

NKULUNKULU, mNinimandhla onke, wena owatembisa ukuti uyakukuzwa ukutandaza kwabacelayo ngeGama lenDodana yako; Siyancenga, sizwe ngesihhau tina esikulekile kuwe manje; yenza ukuba lezo'zinto esizicelile ngokukolwa ngentando yako, sibe nazo impela, sizuze loko esikuswelayo,
kuzwakale udumo kwako; ngaye uJesu Kristu inKosi yetu. Amen.
 

Collects

NgamaSonto nangezinye izinsuku ezingcwele, (uma singeko isiDhlo) kuyakwenziwa konke okumiselwe inKonzo yesiDhlo, kuze kugcine ekupeleni kwomTandazo [wokutandazela iChurch lonke lika Kristu elilwayo lap'emhlabeni] kanye nelinye noma amanye kulawa'maKolekta, besekugcinwa ngesiBusiso.

Unza abantu benganele ukwamukela kanye naye umPristi, ngokubona kwake, asiyikubako isiDhlo senKosi.

Asiyikwenziwa isiDhlo uma bengeko abantu abane, noma abatatu, bokwamukela kanye naye umPristi.

Ezindhlini zokusonta ezitiwa Cathedral Church, nezitiwa Collegiate Church, nasemaCollege, lapo bekona abaPristi nabaDiakoni abaningi, mabamukele bonke isiDhlo kanye naye umPristi ngamaSonto onke, uma kanzbe singeko isixako esingabatiyayo.

Ukuze kungabiko izizindhlo ezidukisayo ezinhliziyweni zabantu, ngenxa yesiNkwa neWayine, kwanele ukuba isiNkwa sibe esidhliwayo, kepa kube ngesikakolweni omuhle omhlope esingafumanekayo.

Uma kukona okuseleyo okungangcweliswanga kuso isiNkwa neWayine, kuyakuba okwake umPristi; kepa uma kukona okuseleyo okungcwelisiweyo, makungapumi enDhlini yokuSonta, kodwa makudhliwe umPristi, nabanye kwabesiDhlo angababizayo, badhle ngokuhlonipa ngemva kwesiBusiso.

IsiNkwa neWayine okwesiDhlo makutengwe umFundisi namaChurchwarden ngemali yomnikelo weBandhla la leso'siFunda.

Abantu bonke besiDhlo mabamukele kungabi ngapansi kwezikati ezitatu ngonyaka, okuyakuti uEaster abe esinye kuzo.

Kuyakuti abantu bonke iminyaka ngeminyaka balete kumFundisi imali yomnyaka efanele ukukitshwa eyokwondhla abaFundisi.

Ekupeleni kwenKonzo yesiDhlo senKosi, imali yomNikelo iyakumiselwa imisebenzi etile efaneleyo ngokubona kwomPristi namaChurchwarden. Uma bengavumelani, kuyakwenziwa ngentando yomBishop.

Njengokuba kumisiwe kulenkonzo yesiDhlo senKosi ukuba abesiDhlo b'amukele beguqile ngamadolo (okuyisimiso esihle sokubonakalisa ukuvuma kwetu kwokuzitoba nokubonga inzuzo esiyitolayo ngoKristu eyabelwayo bonke abamukelayo ngokufaneleyo, nokugwema konke okwonakalisayo nokungafanele enKonzweni engcwele yesiDhlo okungaqabuka kuvela); kepa, ukuba kungaze kuti abantu ngokung'azi luto, na ngobutakataka, kumbe na ngokuganga, na ngenkani., badukiswe ngako ukuguqa; ngalokoke kuyaeasiselwa ukuti akumiselwe ukuba kukulekwe kuso isiNkwa neWayine leSakramente okwamukelwayo ngomlomo, kumbe kuko ukubakona uqobo kweNyama neGazi kukaKristu. Ngoba uqobo lwesiNkwa neWayine okweSakramente luhlala, lunjengaloku lunjalo, ngakoke kungekulekelwe; (ngoba loko kungaba ukukonza izitombe, okunengekayo ku'maKristiane atembekileyo): uqobo lomZimba neGazi kwomSindisi wetu uKristu kus'ezulwini, akuko lapa; kupambene neqiniso ukuti umzimba kaKristu ungabas'eziindaweni ezininai ngokwenyama ngasikati sinye.

Final Rubrics

 

Return to the 1662 Book of Common Prayer in Zulu

Web author: Charles Wohlers U. S. EnglandScotlandIrelandWalesCanadaWorld