Seal of the Church in the Province of Southern Africa The Book of Common Prayer
United States England Scotland Ireland Wales Canada World

    The Book of Common Prayer (1662)
in Zulu

 

IZICELO.

1. ADVENT 1.

    ’DIO onamandhla onke, sisize gamandhla ako, ukuba silahle imisebenzi yobumnyama, si hlome izivato zokukanya, manje si se s’esikatini saloku’kupila okunokufa, e ya ti nga so inDodana yako, uJesu-Kristu, y’eza, itobekile kakulu, ukuba i tekele ku ti; ukuze si ti, gomhla wokupela, lapo a ya ku buya nobukosi bake obucwazimulayo, ukuza kwaba pezu kwabasahleziyo nabafileyo, si vuke tina ebomini obunapakade, nga ye o hleziyo o busayo naWe, noMoya oyingcwele, manje, ku ze ku be pakade. Amen.

2. ADVENT 2.

    ’NKOSI ebongekayo, Wena o wa s’enzelayo ukuba izibalo zonke ezingcwele zi balelwe ukufundisa tina, si pe ukuba siti, uku zi zwa nokuzibeka noku zi funda noku zi qonda kwetu, si zi hlele enhlizyweni zetu, ukuze, gokubekela na ngokududuzwa kwezwi lako elingcwele, s’amukele si li bambe gezikati zonke itemba elibusisiweyo lobomi obunapakade, o si nike lona nga ye, umSindisi wetu, uJesu-Kristu. Amen.

3. ADVENT 3.

    ’NKOS’ ’Jesu-Kristu, o wa tuma isigijimi sako, ekufikeni kwako kwokuqala, ukuza’kulungisa inhlela yako pambi kwako, si pe ukuba nezikonzi nababonisi bemfihlo yako balungise bahlele indhlela yako gokupendula izinhliziyo zabangalaleliyo ekuhlakanipeni kwabalungileyo, ukuze, ekufikeni kwesibili kwako ekwabiweni kwabantu, sifunyanwe si ng’abantu abamkelekayo ebusweni bako, o hlezi ebusa, noYise noMoya oyingcwele, uDio ’munye, kuze kube ngunapakade. Amen.

4. ADVENT 4.

    ’NKOSI, si ya ku cela, vusa amandhla ako, u ze pakati kwetu, usisize gesanhla sako esiqata, ukuze si ti, nakuba si s’eqelwa si pambukiswa kakulu ekugijimeni kwetu endhleleni ebekwe pambi kwetu, si buye sisizakale si kululeke masinya gomusa omkulu nobubele bako, ngako ukutandeka kuWe kwenDodana yako, inKosi yetu, odumisekayo naWe noMoya oyingcwele, ku ze ku be ngunapakade. Amen.

5. CHRISTMAS AND SUNDAY AFTER CHRISTMAS.

    ’DIO onamandhla onke, osinikeleyo inDodana yako, ezelweyo iyodwa, ukuba itabate ubuntu betu, izalwe yintombi ehlanzekileyo gesikati esinjengalesi; si pe ukuba si ti tina, sesizelwe kabili, s’enziwa abantwana bako ekubapafizweni kwetu, si lungiswe gemihla goMoya wako oyingcwele, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu, ohlezi ebusa, naWe naYe uMoya oyingcwele, uDio ’munye, gezikati zonke, ku ze ku be ngunapakade. Amen.

6. SAINT STEPHEN.

    Sipe, ’nKosi, ukuba ku zo zonke inhlupeko.zetu emhlabeni lapa, e si zi tola gokunqinela inyaniso yako, singayeki ukubeka pezulu ezulwini, si bone geliso lokolo ukucwazimula oku za ku bonakaliswa, si ti sigcwaliseke uMoya oyingcwele, si be na ko ukutanda abasi hlupayo, nokuba nomusa ku bo, kuloko si bonele ku’fakazi wako wokuqala, uStefana ongcwele, o wati ebulawa wabacelela okuhle abam bulalayo kuWe, ’Jesu ’mnene, omiyo gas’ekunene kukaDio, u mele uku ba siza bonke abahlupekela Wena, okupela kwomlamuli nomteleleli wetu. Amen.

7. SAINT JOHN THE EVANGELIST.

    ’NKOSI e nomusa, si ya ku cela ukuba U yi hlabe eBanhleni lako imisebe yokukanya ecwazimulayo yako, ukuba li ti lona, li kanyiswe gokufundisa kukaJoani ongcwele, umApostoli nesigijimi sako esimnene, li hambe njalo ekukanyeni kwenyaniso yako, li ze li fike ekukanyeni kwobomi obunapakade, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

8. THE INNOCENTS.

    ’DIO, onamandhla onke, o wa pumisa amandhla emlonyeni wabantwana na kweyezingane, wakwenza ukuba abancelayo ba ku dumis’ ekufeni kwabo, bulala U tyabalalise ububi bonke obupakati kwetu, U si qinise gomusa wako, ukuba si ti, gokuhlonga okubi ekupileni kwetu, na ngokuqinisa ekukolweni kwetu, ku ze ku be na s’ekuteni, si li dumis’ igama lako elingcwele, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

9. CIRCUMCISION.

    ’DIO onamandhla onke, o wa y’enza ’inDodana yako emnene, ukuba i soke, i be pansi kwomteto, nga so isintu, si pe ukuba si be nako ukusoka kwenyaniso kwomoya, ukuba inhliziyo zetu nezito zonke zetu, zife ku zo zonke inkanuko zomhlaba nezomzimba, si lalele impela intando yako ebusisayo, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.
 

Collects

10. EPIPHANY.

    ’DIO, o wa bonakalisa ezizweni inDodana yako ezelweyo iyodwa gokurolela kwenkanyezi, si pe gomusa wako, ukuba tina, si kwaziyo Wena manje gokukolwa, si ti, gasemva kwalobu’bomi, sitokoze gobuDio bako obucwazimulayo, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

11. FIRST SUNDAY AFTER EPIPHANY.

    ’NKOSI, si ya ku cela, yamukela gomusa ukukuleka kwabantu bako, ababiza ku We ngako; bape nokuba ba zi bone, baz’azi lezo ’zinto ezifaneleyo ukuba ba z’enze, nokuba babe nentando namandhla uku zi qinisa, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

12. SECOND SUNDAY AFTER EPIPHANY.

    ’DIO onamandhla onke, o nobomi obunapakade, o busayo pezu kwa zo zonke izinto ezis’emhlabeni nezis’ezulwini, ma U zwe gomusa ukukuleka kwabantu bako, U si pe ukwenama kwako imihla yonke yokupila kwetu, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

13. THIRD SUNDAY AFTER EPIPHANY.

    ’DIO onamandhla onke, o nobomi obunapakade, U beke gomusa ubulima betu, na s’ezingozini zonke na s’ekusweleni konke kwetu, yolula isanhla sako sokunene, ukusisiza nokusilwela, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

14. FOURTH SUNDAY AFTER EPIPHANY.

    ’DIO, o s’aziyo, ukuba si misiwe pakati kwezingozi eziningi ezinkulu kanjalo, ukuba ku ti, ngobutakataka bobuntu betu, si nge namandhla gezikati zonke ukuba si me si lungile, U si kweze, U si vikele, ukuze si sekelwe ezingozini zonke, si hanjiswe kable kuko konke ukulingwa, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

15. FIFTH SUNDAY AFTER EPIPHANY.

    ’NKOSI, si ya ku cela, li londoloze iBanhla lako nendhlu yako, gezikati zonke, ekukolweni kwako okuqinisileyo; ukuba bona, abatemba umusa wako wodwa ovela ezulwini, balwelwe gamandhla ako amakulu, ku ze ku be ng’unapakade, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

16. SIXTH SUNDAY AFTER EPIPHANY.

    ’DIO, inDodana yako emnene ya bonakaliswa ukuba izibubise izenzo zikaSatani, is’enze sibe abantwana bakaDio, sidhle ifa lobomi obunapakade, Usipe, ’nKosi, ukuba si ti, si netemba elingaka, sizihlanze tina jengaloko ehlanzekile Yena; ukuba, lapo eyaku bonakala, e nobukosi nokucwazimula okukulu, sifaniswe naye embusweni wake, onapakade, ocwazimulayo, lapo ehlezikona, e busa, nawe, ’Baba, nawe, ’Moya oyingcwele, uDio ’munye gezikati zonke, ku ze ku be pakade. Amen.

17. SEPTUAGESIMA.

    ’NKOSI, yizwa gomusa ukukuleka kwabantu bako, ukuba si ti tina, si tyayiwe gokulingeneyo ngazo izono zetu, sikululwe gobubele bokulunga kwako, ukaze lidunyiswe igama lako, nga ye uJesu-Kristu, ohlezi ebusa naWe noMoya oyingcwele, uDio ’munye gezikati zonke, ku ze ku be pakade. Amen.

18. SEXAGESIMA.

    ’NKOSI ’DIO, o si bonayo ukuba itemba letu a si li beki ka ’luto e si lwenzayo, si pe gomusa, ukuba silwelwe gamandhla ako kuko konke okusityonisayo, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

19. QUINQUAGESIMA.

    ’NKOSI, U si fundisile ukuba izenzo zetu zonke a zi ’luto ma zi nga vangwa na’lutando, tuma uMoya oyingcwele wako, U tele enhliziyweni zetu leso ’sipo esihle sako sotando, olupezu kwazo zonke ezinye, oluy’isibopo sokwenama nesokulungileyo konke, oti yena ohlezi engenalo abe njengomimtu ofileyo ebusweni bako. U si pe loko nga ye uJesu-Kristu, inDodana yako eyodwa. Amen.
 

 

20. ASH WEDNESDAY.

    ’DIO, o namandhla onke, ong’unapakade, o nga zondi ’luto olwenzileyo, o zi yekelayo izono zabo bonke abazikalelayo, yenza pakati kwetu inhliziyo ezintya, ezidabukileyo, ukuze, si zikalele jengobukulu bazo izono zetu, si ku vumele ukwonakala kwetu, s’amukele ku we, ’Dio onomusa wonke, ukukululwa nokuyekelwa okuqinisileyo, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

21. FIRST SUNDAY IN LENT.

    ’NKOSI, o wa zila nga ti ukudhla amasuku amashumi ’mane, si pe ukusiza kwako, na ti s’ejwayele ukuzila izinto zonke, ukuze umzimba wetu u be pansi kwomoya, si lalele gezikati zonke ukuquba kwako ekulungeni na s’ebungcweleni obuqinisileyo, gokufanele ukuduma nokucwazimula kwako, ohlezi ebusa noYise noMoya oyingcwele, uDio ’munye, ku ze kube ng’unapakade. Amen.

22. SECOND SUNDAY IN LENT.

    ’DIO, onamandhla onke, o si bonayo ukuba a si namandhla gokwetu uku zisiza, U si londoloze, imizimba yetu gapandhle, nomoya betu pakati, ukuba ku vinjelwe izingozi zonke ezi nga fika emzimbeni, na zo zonke izizinhlo ezimbi ezi nga lwa zi hlupe umoya, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

23. THIRD SUNDAY IN LENT.

    Si ya ku cela, ’Dio onamandhla onke, U beke inkanuko ezifisayo zezinceku zako ezitobekileyo, U s’olule isanhla sokunene sobukosi bako, u be umlweli wetu eziteni zetu zonke, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

24. FOURTH SUNDAY IN LENT.

    Si pe, ’Dio o namandhla onke, ukuba tina, si fanele kahle ukutyaywa gezenzo zetu ezimbi, si kululwe gobubele, gokududuzwa kwomusa wako, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu nomSindisi wetu. Amen.

25. FIFTH SUNDAY IN LENT.

    Si ya ku cela, ’Dio o namandhla onke, U beke gobubele abantu bako, ukuba gokulunga kwako okukulu ba buswe ba londwe gezikati zonke, na s’emzimbeni na s’empefumulweni, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

26. SUNDAY BEFORE EASTER.

    ’DIO, o namandhla onke, o nobomi obunapakade, o wa tuma inDodana yako, uJesu-Kristu, umSindisi wetu, gotando lwako olutambileyo ku so isintu, ukuba a wu tate umzimba wetu, ’ezwe ukufa kwompambaneko, ukuba abantu bonke balinganise isibonakaliso sokuzitoba kwake okukulu, si pe gomusa, ukuba tina si landele lesi’sibonakaliso sokuzibeka kwake, si hlanganiswe naye na s’ekuvukeni kwake, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

27, 28, 29. GOOD FRIDAY.

    ’DIO, o namandhla onke, si ya ku cela, U beke gomusa le’nhlu yako, inKosi yetu uJesu-Kristu wavuma ukucetywa ngayo, nokunikelwa ezanhleni zabantu ababi, nokuzwa ukufa kwompambaneko, o hlezi manje ebusa naWe noMoya oyingcwele, uDio ’munye, ku ze ku be ng’unapakade. Amen.

    ’DIO, onamandbla onke, onobomi obunapakade, umzimba wonke weBanhla u buswa, wahlukaniswa, guMoya wako, kwamukele ukukuleka nokucela kwetu, e si ku pakamisa pambi kwako ngabo abantu bonke beBanbla lako elingcwele, ukuba zonke izito zalo, ekumisweni na s’ekukonzeni kwazo, ziku lalele geqiniso, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu nomSindisi wetu. Amen.

    ’DIO, o nobubele, o b’enzileyo abantu bonke, o nga zondi ’luto olwenzileyo, o nga tandiyo ukuba umoni a fe, kodwa o nga a nga penduka a ze a dhle ubomi, yiba nomusa ku bo bonke aba nga kolwayo, U suse ku bo ukung’azi konke, nobulukuni benhliziyo, nokudelela incwadi yako; U ba buyisele, ’nKosi, emblambini wako, ukuze ba sindiswe ba hlanganiswe pansi kwomalusi ’munye, uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

80. EASTER EVEN.

    Si pe, ’nKosi, ukuba tina, si bapatizwe ekufeni kwenDodana yako emnene, uJesu-Kristu, umSindisi wetu, si mbelwe kanye na ye gokubulawa gezikati zonke kwenkanuko zetu ezonakaleyo, nokuba elibeni na s’esangweni lokufa, si hlulele ekuvukeni kwetu okujabulisayo, nga ye, o wa fa, wa mbelwa, wa buya wa vuka nga ti, inDodana yako, uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.
 

 

31. EASTER DAY.

    ’DIO onamandhla onke, o wa nqoba ukufa nga yo, inDodana yako, ezaliweyo iyodwa, uJesu-Kristu, wa si vulela isango lobomi obunapakade, si ya ku cela gokuzitoba, ukuba jengaloko, gomusa wako omkulu, U ya si hlangabeza, U faka enhliziyweni zetu inkanuko ezilungileyo, futi U si size gezikati zonke si zi vezele ekulungeni, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu, ohlezi ebusa, naWe noMoya oyingcwele, uDio ’munye, ku ze ku be ng’unapakade. Amen.

32. FIRST SUNDAY AFTER EASTER.

    ’BABA, o namandhla onke, oyinikeleyo inDodana yako iyodwa, ukuba i fe gezono zetu, i buye i vukele ukulungiswa kwetu, si pe ukuba si si lahle isibiliso solunya nobubi bonke, si ku konze gezikati zonke ekuhlanzekeni kwokupila na s’enyanisweni, nga ye uJesu-Kristu, inDodana yako, inKosi yetu. Amen.

33. SECOND SUNDAY AFTER EASTER.

    ’DIO, onamandhla onke, oyinikeleyo inDodana yako iyodwa, ukuba ibe umnikelo wokwona kwetu, fiesibonakaliso kuti sokupila okutandekayo kuWe, si pe ufefe, ukuba s’amukele, si bonga gezikati zonke, loku’kupiwa kwako okublula ukucabanga kwetu, silinge tina gemihla nokulandela izinyatuko ezibusisiweyo zokupila kwake okungcwele kakulu, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

34. THIRD SUNDAY AFTER EASTER.

    DIO, onamandhla onke, obonisayo kubo abadukileyo ukukanya kwenyaniso yako, ukuze ba buyele endhleleni elungileyo, si pe ukuba tina, na bo bonke abangenisiweyo ekuhlanganisweni kweBanbla likaKristu, si z’ale izinto zonke ezipambana nokukolwa kwetu, si landele izinto zonke ezilungelelene nako, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

35. FOURTH SUNDAY AFTER EASTER.

    ’DIO, o namandhla onke, o namandhla, Wena wedwa, ukuyalela inhliziyo nenkanuko ezihlubukayo zabantu abanezono, U pe abantu bako, ukuba ba tande loko okuyalelayo, ba fise loko okutembisayo, ukuze, pakati kwazo zonke izimo eziningi zomhlaba, inbliziyo zetu ziqiniswe gokutemba, lapo ukujabula okuqinisileyo ku funyanwa kona, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

86. FIFTH SUNDAY AFTER EASTER.

    ’NKOSI, ’ento zonke ezilungileyo zivela kuwe, si pe tina, ’zinceku zako ezitobekileyo, ukuba gokufundisa okungcwele kwako singa cabanga lezo’zinto ezilungileyo, na ngokurolela kwako okunomusa s’enze zona, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

37. ASCENSION.

    Si pe, si ya ku cela, ’Dio o namandhla onke, ukuba, jengaloko sikolwayo ukuba uJesu-Kristu, inDodana yako iyodwa, inKosi yetu, w’enyukela ezulwini, nati ma s’enyukele lapo enhlizyweni na s’ekumbulweni yetu, si hlale naye gezikati zonke, o hlezi ebusa naWe noMoya oyingcwele, uDio ’munye, ku ze kubeng’unapakade. Amen.

38. SUNDAY AFTER ASCENSION.

    ’DIO, ’nKosi yokucwazimula, o wa m pakamisa uJesu-Kristu, inDodana yako iyodwa, gokuduma okukulu, embusweni wako os’ezulwini, si ya ku cela, U nga si yeki si nge na’kududuzwa; kodwa U si tumele uMoya wako oyingcwele, ukuba usiduduze, u si pakamisele lapo umSindisi wetu, uJesu-Kristu, a s’andulele kona, ohlezi ebusa naWe noMoya oyingcwele, uDio ’munye, ku ze kubeng’unapakade. Amen.

39. WHITSUNDAY.

    ’DIO, o wati gesikati esinjengalesi wa fundisa inhliziyo zabantu bako abakolwayo, gokutuma kubo ukukanya kwoMoya wako oyingcwele, si pe ukuba tina, goMoya lowo, sibe nokucabanga okufaneleyo gezinto zonke, sijabule gezikati zonke ekududuzweni kwake okungcwele, nga ye uJesu-Kristu, um-Sindisi wetu, o hlezi ebusa naWe noMoya oyingcwele, uDio ’munye, ku ze ku be ng’unapakade. Amen.
 

 

40. TRINITY SUNDAY.

    ’DIO, onamandhla onke, o nobomi obunapakade, o nike tina ’zinceku zako amandhla, ukuba s’azise ukukolwa okuy’inyaniso, si vume ukucwazimula kwobuTatu obunapakade, si ti gamandhla obuKosi bukaDio si dumise ubuNye, si ya ku cela ukuba U si kweze si qine ku loku ukukolwa, U si vikele gezikati zonke ezingozini zonke, Wena o hlezi ubusa, uDio ’munye, ku ze ku be ng’unapakade. Amen.

41. FIRST SUNDAY AFTER TRINTTY.

    ’DIO, Wena ’mandhla abo bonke abatemba kuwe, kwamukele gobubele ukukuleka kwetu; u ti gobutakataka bobuntu betu obunokufa, obubanga ukuba singabi namandhla okwenza ’luto elungileyo gapandhle kwako, usipe ukusiza kwomusa wako, ukuze gokutanda izimemezelo zako si tandeke kuwe, na s’ekufuneni na s’ekwenzeni kwetu, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

42. SECOND SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’NKOSI, o nga yekiyo gezikati zonke, ukusiza nokubusa bona, abonhliwa nguWe ekwesabeni na s’ekutandeni Wena gokuqinisileyo, si kweze, si be ngapansi kwokulonda kwokubekela kwako okunomusa, s’enze ukuba s’esabe, si tande gezikati zonke igama lako elingewele, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

43. THIRD SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’NKOSI, si ya ku cela, si zwe gomusa, U si petina, o si nikileyo intando efisa ukukuleka kuWe, ukuba si vinjelwe, si duduzwe ezingozini zonke gokusiza kwako okunamandhla, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

44. FOURTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’DIO, ’mlondolozi wabo bonke abaku tembayo, a ku ko okunamandhla, a ku ko okuy’ingcwele ngapandhle kwako, yandisa, ukulise umusa wako pezu kwetu, ukuba tina, si buswa si rolelwa nguWe, si ti ukudhlula kwetu pakati kwezinto ezibubayo, si nga lahlekani ekupeleni nezinto ezingunapakade; sipe loku, ’Baba o s’ezulwini, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

45. FIFTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    Yipa, ’NKOSI, si ya ku cela, ukuba ukuhamba, kwalo’mhlaba kurolelwe gokubusa kwako ku nga bi ko ukulwa, ukuze iBanhla lako li ku konze gokwenama konke okuvela ku ye uDio, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

46. SIXTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’DIO, obalungiseleyo abakutandayo izinto ezilungileyo, ezihlula ukucabanga kwabantu, telela inhliziyweni zetu ukutanda Wena okungaka, ukuze tina, si ti si ku tanda pezu kwazo zonke izinto, si zuze izitembiso zako, ezihlula ukufisa kwetu, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

47. SEVENTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’NKOSI yamandhla nobukulu bonke, ong’umenzi nomupi wezinto zonke ezilungileyo, misela U qinise enhliziyweni zetu utando lwegama lako, wandise pakati kwetu itemba eliqinisileyo, Us’onhle gokulungileyo konke, U si kwezele ku ko gomusa wako omkulu, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

48. EIGHTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’DIO, okubekela kwako okung’ozeliyo ku misela izinto zonke na s’ezulwini na s’emhlabeni, siyaku cela, si zitoba, ukuba U suse pambi kwetu izinto zonke ezilimazayo, U si pe lezo ’zinto ezinenzuzo kuti, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

49. NINTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    Si pe, ’nKosi, si ya ku cela, ukuba sibe nentando gezikati zonke ukucabanga nokwenza izinto ezilungileyo; ukuze tina, si nge na’mandhla ukwenza’ luto elungileyo ngapandhle kwako, siqiniswe ngaWe ukuba izenzo zetu zi lungelelane nentando yako, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

50. TENTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’NKOSI, izindhlebe zako ezinomusa ma zi vuleke ekukulekeni kwezinceku zako ezitobekileyo; nokuze sizuze izicelo zetu, s’enze ukuba si cele lezo’zinto ezitandekayo kuWe, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

51. ELEVENTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’DIO, obonakalisa amandhla ako apezu konke, ikakulu gokwenza umusa nobubele, si pe gobubele umusa wako ongaka, ukuba tina, si gijima endhleleni yezimemezelo zako, si zuze izitenabiso zako ezinomusa, si dhle okuhle kwako okus’ezulwini, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

52. TWELFTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’DIO, onamandhla onke, onobomi obunapakade, otandayo gezikati zonke uku si zwa tina kunati si tanda ukukuleka kuWe, o nga unga si nika pezu kwokufisa kwetu na pezu kwomsebenzi wetu, tela pezu kwetu ubuningi bomusa wako, U si yekele lezo’zinto inhliziyo zetu z’esaba ngazo, U si pe lezo ’zinto ezilungileyo, e si nga fanele ukuba si zi cele, makunge nga ye yedwa, uJesu-Kristu, inDodana yako, inKosi yetu. Amen.
 

 

53. THIRTEENTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’DIO, o namandhla onke, o nomusa wonke, o ku vela gokunikela kwako, ukuba abantu bako abakolwayo ba ku konze gokuqinisileyo na ngokutandekayo, si pe, ukuba si ku konze gokuqinisa kuloku’kupila, ukuze si nga sileli ku zo izitembiso zako ezi s’ezulwini, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

54. FOURTEENTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’DIO, onamandhla onke, onomusa wonke, sipe ukwandisa kwokukolwa nokutemba nokutanda, nokuze si zuze loko okutembisayo, s’enze ukuba si lande loko okuyalelayo, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

55. FIFTEENTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    Si ya ku cela, ’nKosi, U li londe iBanhla lako gomusa wako onapakade; uti ngokuba ubutakataka besintu ngapandhle kwako bu ya ku wa pantsi, U si kweze gezikati zonke ku zo zonke izinto ezilimazayo, U si rolele kuzo zonke eziyakusizuzisela ukusindiswa kwetu, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

56. SIXTEENTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’NKOSI, si ya cela, umusa wako ongapeliyo, ma u hlanze, u londe, iBanhla lako; na, ngokuba li nge na’kuhlala gokwenama kungeko ukusekela kwako, li londoloze gezikati zonke gokusiza na ngokulunga kwako, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

57. SEVENTEENTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’NKOSI, si ya cela, umusa wako omkulu maus’andulele u si landele, ma u s’enze ukuba si sebenze gezikati zonke okulungileyo, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

58. EIGHTEENTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’NKOSI, si ya cela, yipa abantu bako amandhla ukupambana neziyengo zomhlaba, nezomzimba, nezikaSatani, nokuba ba landele Wena, uDio ’munye, genhliziyo nemikumbulo ehlanzekileyo nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

59. NINETEENTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’DIO, ngapandhle kwako a si namandhla tina ukuzitandisa kuWe: U si pe, gobubele, ukuba uMoya wako oyingcwele u pelekezele u gwabe inhliziyo zetu ezintweni zonke, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

60. TWENTIETH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’DIO, o namandhla onke, o nomusa wonke, si londoloze, gobubele bako obulungileyo, kuzo zonke izinto ezi nga, si limazayo; ukuba tina, si lungile na s’emzimbeni na s’emoyeni, si qinise gokujabula ukwenza lezo ’zinto zonke e nga zi ng’enziwa, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

61. TWENTY-FIRST SUNDAY AFTER TRINITY.

    Si ya cela, ’nKosi enomusa, yipa abantu bako ukuyekelwa nolswenama, ukuba ba hlanzekwe ezonweni zabo zonke, ba konze Wena genhliziyo etokozayo, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

62. TWENTY-SECOND SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’NKOSI, si ya cela, ukuba Uyikweze inhlu yako, ey’iBanhia lako, likwenze gezikati zonke ukufana nokukaDio, kuti gokulonda kwako liku-lulwe kuko konke okupambanayo, li ku konze gokutemba na ngokuqinisa ezenzweni zonke ezilungileyo, lize lidunyiswe igama lako, nga ye|uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

63. TWENTY-THIRD SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’DIO, oy’inqaba yetu namandhla etu, o ng’umenzi wako konke okulungileyo, yizwa, U vume, izicelo ezitembayo zeBanhla lako, Usipe ukuba lezo ’zinto, e si zi cela gokukolwa, si z’amkele gokwenyaniso, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

64. TWENTY-FOURTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’NKOSI, si ya cela, ukuba U yekele abantu bako izipambuko zabo, ukuba, gomusa wako opayo, tina sonke si kululwe ezibopweni zalezo’zono, e si z’enze gobutakataka betu: sipe loku, ’Baba os’ezulwini, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu, nomSindisi wetu obusiswayo. Amen.

65. TWENTY-FIFTH SUNDAY AFTER TRINITY.

    ’NKOSI, si ya cela, vusa izinhliziyo zabantu bako abakolwayo kuWe; ukuba baveze gobuningi izitelo zezenzo ezilungileyo, b’amkele kuWe umvuzo omningi, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

66. ALL SAINTS.

    ’DIO, o namandhla onke, o ba hlanganisileyo abaketiweyo bako kukunye ukuhlangana nokwazana emzimbeni oy’imfihlo nenDodana yako uKristu inKosi yetu, sipe amandhla, ukuba siti, ukulandela abangcwele bako ababusisiweyo ekupileni konke okulungileyo, nokufana nokukaDio, ukuze si ku fike kuloko’kujabula, oku nge na’mbaliso, o ku lungiselweyo bona aba ku tandayo geqiniso, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.
 

 

COMMUNION SERVICE.

67.

    ’DIO, onamandhla onke, ku We zonke izinhliziyo zi vulekile, zonke izifiso zabantu zi y’aziwa, nezimfihlo ezigotyelweyo zi se ’iubala, zi hlanze izinkumbulo zezinhliziyo zetu ngokupefumulela kuzo uMoya oyingcwele wako, ukuze sikutande impela, sikulise ngokufanelekileyo igama lako elingcwele, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

68.

    Si size ngomusa wako, ’nKosi, ekukulekeni kwetu konke, u bekisise ukuhamba kwezinceku zako, nga s’ekufumaneni ukusindiswa okunapakade, ukuze si ti, pakati kwazo zonke izingosi zaloku’kupila okunokufa, silwelwe gezikati zonke gokusiza kwako okupilileyo, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

    ’NKOSI, enamandhla onke, ’Dio ong’unapakade, si ya cela ukuba uvume Wena ukuquba nokuhlanza nokugweba izinhliziyo zetu nemizimba yetu, endhleleni yemiteto yako na s’emisebenzini yezimemezelo zako, ukuba si ti, gokulondoloza kwako, si londwe umzimba nompefumulo, nakaloku napakade, nga ye uJesu-Kristu, inKosi nomSindisi wetu. Amen.

    U si pe, ’Dio onamandhla onke, ukuba lawo ’magama, e si w’ezwileyo namuhla gezindhlebe zetu ezingapandhle, ma wa miliswe ngomusa wako ezinhliziyweni zetu njalo, ukuze aveze pakati kwetu izinhlamvu zokupila okulungileyo, lize lidunyiswe igama lako elingcwele, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

    S’andulele, ’nKosi, ezenzweni zetu zonke, ngomusa wako omkulu, u si hambise ngezikati zonke ngokusiza kwako okunamandhla, ukuze si ti, emisebenzini yetu yonke, eqaliweyo, ya setyenzwa, ya qinwa ku We, si li dumise igama lako elingcwele, na s’ekupileni si zuze ubomi obunapakade, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

    ’DIO onamandhla onke, o ng’umtombo wokwazi konke, oz’aziyo izinswelo zetu si nga ka zi shumayeli, o bu bonayo nobudenga betu ekuceleni kwetu, yiba nobubele pezu kwobulima betu, u ti lezo’zinto e si ngaziceliyo ngokungalungi kwetu, na lezo e si ngaziboniyo ngobumpumpute betu, u si pe zona ngokutandeka ku We kukaJesu-Kristu, inDodana yako, inKosi yetu. Amen.

    ’DIO onamandhla onke, otembisileyo ukuti u ya ku zi zwa izicelo zalabo abazi tyo egameni lenDodana yako, izindhlebe zako zi tobele ngomusa wako kiti, tina si z’enzileyo manje izikuleko nezicelo zetu kuWe; usipe ukuba lezo ’zinto e si zi celileyo ngokutemba, na ngokulungelelene nentando yako, si z’amukele impela, ukuze ku kululeke ukubopeka kwetu, ku bonakaliswe ukucwazimula kwako, nga ye uJesu-Kristu, inKosi yetu. Amen.

 

 

Return to the 1662 Book of Common Prayer in Zulu

Web author: Charles Wohlers U. S. EnglandScotlandIrelandWalesCanadaWorld